... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Gijima Umjaho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo

Listen to the radio broadcast of

Gijima Umjaho


Download audio file

Kunezikhathi kithi sonke ngamunye la esiye sifise sengathi singaphonsa ithawula .Kungaba semshadweni wakho ,emsebenzini kumbe ohambweni lwakho lokholo .Awuwedwa kulokhu .Esigabeni esithile sonke siyafikelwa ngukudela silahle,njengembongolo evese ilahle umthwalo mayisikhathele .

Ngingakhuluma la ngqo ngozakwethu uBerni ? Uthi ezinyangeni ezimbili nengxenye ezedlule ,ubehlanganisa iminyaka engu  65 – kwelakubo  yiminyaka yomhlalaphansi .Okuthi dukuduku umuzwa ‘womhlalaphansi’ ulokhu ukhuluma emzimbeni wakhe.

Ezibuza ukuthi ngakube uyakudinga ngempela ukuqhubeka esebenza kanzima kangaka ? Kungani angavesi ayophumula ngoba iminyaka isho njalo ?  

Kodwa zikhathi zonke uNkulunkulu umkhumbuza ngabantu abanjengawe kanye ,abadinga uJesu .Baningi abazabalaza kanzima .

Baningi abadukisiwe ezindleleni zabo zezwe. Baningi abasamelwe ngukuzwa ngothando olusindisayo lukaJesu Khrestu .

Yikuphi uNkulunkulu akubeke phambi kwakho ? Mjaho muni akubekele ukuba uwugijime? Futhi kunini la osanda kugcina khona ulingwa ngokudela uyeke manje ?  

KuMaHebheru  12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo

Cabanga lokhu ,umjaho awuyona into eyayenzelwe ukuba lula .Kodwa lokho akukhona ukuzithethelela kokuthi uphonse ithawula .

Bheka labo abahambe ngaphambi kwakho ,labo abakuzungezile ,lawomaqhawe okholo owaziyo ,aqhubekayo egijima umjaho wawo phezu kwakho konke okukhona .Gqugquzeleka  ngabo .

Futhi nebala mtakababa gudluza izinto  empilweni yakho ezenza ugijime kancane .Isono esibambanayo.Gijima umjaho wakho .Ungayeki ungadeli .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.