... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Imanaphanapha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 8:11-13 Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

Listen to the radio broadcast of

Impilo Imanaphanapha


Download audio file

Uma ungumuntu ofana nami uyakuthanda ukwenza izinto ngokuhlelekile empilweni .Ngicabanga sonke siyakufisa ukuthi impilo  isakhele umqondo,ihlawumbiseleke,ukuthi abantu babone izinto ngendlela esibuka ngayo futhi baphendule kithi ngendlela esibalindele ngayo .Angithi kumnandi lokho! 

Kodwa ngeshwa impilo ayihlali injalo .Ake uthathe isibonelo  uJesu.Konke akwenza kuhle .Wasindisa abashwabene uhlangothi,abangaboni nalowa wesifazane owayenomopho.Waveza umusa kaNkulunkulu ezonini nababekwe eceleni empilweni.Washumayela ngamandla kodwa ngokwendlela ekhanda umqondo kubantu abaphansi  ngokwezinga elashukumbisa abantu ekujuleni .Nokho noma kunjalo abaholi bezenkolo babenganelisekile . 

NgokukaMarkhu 8:11-13Khona kwafika abaFarisi, baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini, bemlinga. Wabubula emoyeni wakhe, wathi: “Lesi sizukulwane sifunelani isibonakaliso na? Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.” 

Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

Ngempela ? Kwakumele bamvivinye ? Abazange babone nje ubuhle bonke ayebenza qede bamangale nabo bashukumbe njengabantu bonke ? Kodwa ….yilona nani okukubiza lona ukuba semsebenzini wenhliziyo kaNkulunkulu. 

I-artist, umbhali  ongumfundisi , u-Mandy Smith ukubeka kanje lokhu  UJesu wayehamba ezindleleni eziyimigwaqo yothuli ,ewela emanzini ayeludaka ,Wathinta izinkulungwane zezandla ezazigcwele amagciwane.Waguqula amatafula ,imiqondokuphila  eyase inesikhathi izinzile kubantu …nokufa imbala . 

Ngakube lokho kuzwakala kuyimpilo ehleleke kamnandi nekwazi ukuhlawumbiseleka  ikusasa layo ? Lutho sanhlobo! Uma ukhetha ukulandela uJesu yazi lokhu : Impilo izoba  manaphanapha . 

Kujwayele lokho .Yilona nani lokwenza umsebenzi woMbuso weZulu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly