... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhlakanipho Eyimfashini Endala (2)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 2:3,4 Kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo

Listen to the radio broadcast of

Inhlakanipho Eyimfashini Endala (2)


Download audio file

Noma yiyiphi i-psychologist iyokutshela ukuthi , nakuba kuneslovela esikhulu esixovwayo nesifunzwa abantu kwizingxenye eziningi zomhlaba mayelana ngobulili , noma kunjalo kunezisekelo eziqinile nomehluko onamandla phakathi kwabesilisa nabesifazane .

Izolo siqale loluchungechunge lwethu lohlelo olukhuluma ngenhlakanipho eyimfashini endala ngamaqhaza ahlukene ,kwabesilisa nakwabesifazane emphakathini nasemindenini ,ngokweZwi likaNkulunkulu .

Siqale ngamadoda amadala ,okungokokuthi njengokuba engama role model emphakathini ,amelwe ukuzithiba ,serious ,ahlakaniphile  naqinile okholweni ,agcwele uthando nokubekezela .Kunzima ukukuphikisa lokho ,ngakho sithini ke namhlanje ngabesifazane abadala bona ? Bamelwe ukuphila kanjani bona ?

KuThithu  2:3,4 Kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle,  ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo

Omunye womehluko omkhulu phakathi kowesilisa nowesifazane ,ngukuthi owesifazane usemathubeni amaningi okuhleba ,ikakhulukazi abesifazane abadala ,abanesikhathi sonke sokunaba abangasaxinwe yimpilo . 

Kodwa besifazane abadala ,lalelani lokhu .Akukhona lokho enibizelwe ukukwenza . Futhi anibizelwe ukuhamba nivula indlebe kuzo zonke izindaba ngenxa yokuba nesikhathi esiningi .Ngoba abesifazane abadala [uma kunguwe lowo  mlaleli] banomsebenzi abamelwe ukuwenza ;ukufundisa omakoti ukuthi bathande kanjani abayeni babo .Nibafundise ukuthi bakhulise kanjani izingane zabo. 

Konke lokhu kusengengezwakale ku-political correct kodwa ngeshwa  kunzima ukukuphikisa . Futhi ikakhulukazi uma uzobuka ngeso lezinto abesifazane abancane okumele bachushe bazisebenze kuzo  kuleminyaka esikuyona , lokhu akubukeki kuyisidingo noma kusemqoka ngokwesikhathi sanamhlanje .

Mlaleli angikutshele ukuthi inhlakanipho kaNkulunkulu akukhona kuphela ukuthi inamandla kodwa iguqula impilo yomuntu. 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly