... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iqhuzwana Nje

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 5:10,11 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.

Listen to the radio broadcast of

Iqhuzwana Nje


Download audio file

Impumelelo ,yigama sonke esithandayo ukuligona .Phela ekugcineni kosuku ngubani ongafuni ukuphumelela ,kunoma yini ayithinta ngesandla sakhe .Kodwa nakuba kuhalisana ukuphumelela kodwa kuphinde phakathi kube nomqondo olihuha elikhohlisanayo . 

Ngicela ungizwe kahle ,angisho ukuthi impumelelo iyinto embi ,cha luthi nhlobo ,ngokwayo ayiyimbi .Ngakolunye uhlangothi sisengalangazelela impumelelo ezintweni ezi wrong,ngezizathu eziwrong ,sikwenze konke ngendlela ewrong futhi . Yiyona ndlela leyo mina engaphila cishe ingxenye yonke yokuqala yokuphila  kwami emhlabeni ,ngakho angikukhuthazi lokho. 

Ngakolunye uhlangothi  kuyinto enhle ukuzikhandla kanzima ngomsebenzi weNkosi ,ukulandela ubizo lwayo ,senza konke okusemandleni kithi sisesandleni saYo,emandleni aYo , ecebweni layo siveza inkazimulo yaYo. 

Ake ucabange abaphrofethi  beThestamente  Elidala   –Isaya ,Hezekeli noJobe  nabanjalo –kulula ukucabanga ukuthi babenempumelelo kukho konke abafinyelela ukukwenza .Kodwa ake uthi ukucabanga ngalendlela umzuzu nje:

EkaJakobe  5:10,11 Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.  Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.

Ngamanye amazwi ‘impumelelo’ abanye abantu abayibona kithi yiqhuzwana nje lokubuka elincane .Mase udepha uthola ukuthi kubandakanya ukusebenza kanzima ,ukuphikelela ,ukusebenza ngisho ebusuku ,ukuziqeqesha ngokuziphoqa ,ukukhatshwa ngabanye abantu,ukuzinikela okunqala ,ukugxekwa ,ungabazane ,ukwehluleka ,nokuthatha ama risk .Yiyona ndlela  impumelelo ebukeka ngayo eMbusweni kaNkulunkulu . 

Kodwa khumbula ,ukuthi konke lokho kukhombisa ukuthi iNkosi igcwele isihawu  futhi inezibele ngathi . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly