... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isilingo Sokuqala

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:1-4 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

Listen to the radio broadcast of

Isilingo Sokuqala


Download audio file

Isitha sakho uSathane sinomqondo wokuba nemikhuba ewukuganga eminingi . Ohlwini lwakhe owokuqala ophezulu yilo wokukukhahlela ngamhla ebona usesigabeni esintekenteke . Akulinde uze ube buthaka ube ntekenteke kweqe enhluphekweni obhekene nayo ,ebese ngalowomzuzu akuthembise iselapho esingamanga .

Inhlupheko akuyona into esingathi wonke umuntu uzifisela yona empilweni yakhe . Kodwa noma kunjalo dukuduku uyibona thushu nansi isiqhamuka ingamenyiwe . Inhlupheko enkulu engabhekana nayo empilweni  yami ,iseminyakeni eminingi eyadlula lakhona ngazizwa ngokujulile ngingodeliwe ngilahlwe ngoseduze nami.Kwala kancane kube yisiphetho sempilo yami leso .

Kodwa ngigcine ngifike ekuboneni ukuthi kwabe kulithuba elihle kakhulu  okwathi ngalo uNkulunkulu wangenza ukuba ngize kuYe . Yingakho enhliziyweni yami lesilingo sikaJesu esebuntekentekeni singena sigxile kimi.

NgokukaMathewu  4:1-4 Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane.  Esezilile ukudla izinsuku

ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. Kwafika umlingi, wathi

kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.” Kepha waphendula

wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

Ngenkathi usenhluphekweni ,isilingo uSathane asilethayo ngesokuthi ukhawule lenhlupheko ngamandla akho.UJesu wayengakwazi ukuguqula lawomatshe awenze isinkwa ngenxa yobuthaka nokomelela yindlala ayesekukho esekudinga njenge –oxygen ukudla .

Kodwa kunalokho wakhetha ukuncika kuNkulunkulu ,eyame emandleni aKhe kunokuma ngawakhe amandla .Inhlupheko ngesikhathi ubhekene nayo  ayiwakhi umqondo ,kodwa phakathi kuyo kanye sinenhlanhla yamathuba amakhulu okuphila kwethu .Ukuthemba uNkulunkulu.Ukuzwa ukuthembeka kwaKhe .Ungazephuci  ngokuwela esilingweni lenhlanhla yalesisipho  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.