Iyodwa Kuphela Indlela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KuThimothewu 2:5,6 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso.

Kungani isizwe siphansi ngobuKhrestu kulezinsuku ? Yini ingempela le eyenza izindaba ezinhle zikaJesu zibe wukuchukuluza kubantu ,zithele usawoti esilondeni? Ukuhlushwa ngenxa yevangeli ,kubukeka kudla amagalani ?
Kungekudala ngike ngavakashela elinye iqeqeba labakhuleka bafunde iZwi ndawonye ,babeqhumaka kumasikompilo ehlukene nokubona okuhlukene . Lokho kuyinto ongayilindela .
Kwakunenye indoda lapho eyayikholwa ngokuqinile ukuthi iBhayibheli lingezinye zezimpawu kweziningi olukukhombisa indlela eya kuNkulunkulu. Yabe isiziphe isikhathi ibhekisisa inkolo yobu-Budhha nomqingo wobuSulumane i-Koran. Ubeseziphe isineke ephenyisisa zonke ezinye izindlela ezikhona ,ekhipha imali eshisiwe ethenga ama CD ukuzwe ezwe izazi zezenkolo ezehlukene zethula izinkulumo zazo nokunye nokunye .
Sasifunda incwadi kaJohane ngalesosikhathi ,yena indlela yakhe wayezama ukuyibuka samfanekiso .
Ngokwakhe cha uJesu wayengeke sanhlobo akwazi ukuguqula amanzi awenze iwayini .Manje futhi kule yingxenyana kanye athi kuyo , “Ngiyindlela neqiniso akekho oza kuBaba ngaphandle kwami .” … ngokwakhe ,cha lo owabhala lokho noma ngabe ngubani ,kunencaphephe yokudideka ukubhala .Ngokwale ndoda ziningi izindlela zokuya kuNkulunkulu.Kodwa akuyona indlela le uNkulunkulu ayishiya ivulekela ukuthi ungazikhethela indlela enye .
1 KuThimothewu 2:5,6 Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso.
Ukuthi siyaliphika iqiniso lokho akulenzi liphelelwe ukuba yiqiniso iqiniso .Ngumhlatshelo kaJesu kulesosiphambano okhokhela isono sakho nesami . Ukufa nokuvuka kwaKhe yikho okusivulela gengelezi isicabha sokungena ebukhoneni bukaNkulunkulu sibe naYe ingunaphakade lonke . Inye phaqa indlela .NguJesu .Yiqiniso lelo elimiyo elingaguquki .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.