... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Thandanani

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 13:34,35 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Listen to the radio broadcast of

Thandanani


Download audio file

Ukuthanda abantu obakhonzile kulula kakhulu –ngisho kungathiwa kunezikhisana ezincane namagqumana amancane endleleni.Manje ukuthanda abanye abantu ongabakhonzile ,ngakolunye uhlangothi …omunye athi hhayi bo uzizwa kahle kodwa? Kuyangiphoqa yini? Uyazazela Mlaleli kuhamba kanjani kulowomuzwa. 

Nokho sibonga ukuthi okungenani kubalulwe kwa 13 nanye kwiThestamente Elisha  ukuba  sithandane ngothando olungenambandela ,olungakhawuki .Nakhu la kushiwo khona nguJesu:

NgokukaJohane  13:34,35 “Ngininika umyalo omusha wokuba

nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.  Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Indlela esiphathana ngayo kukhulunyiwe ngakho kwiThestamente Elidala ,kodwa kuyaqala ukuthi kubukwe ngelinye iso elibukhali ngoJesu .Ngokwezinga eliphezulu ngangokuthi aze akubize ‘ngomyalo omusha’.Kakhulu kangangokuthi  ukuthanda uNkulunkulu ngakho konke lokhu oyikho  nokuthanda omakhelwane bakho  njengoba uzithanda wena ,ngokukaJesu lokhu kuphelelisa kunqamulele uchazo lonke lomthetho wamaJuda ,imibhalo kunye nabaphrofethi. 

Kahle hle lokhu kuthandana njengokuba noJesu esithandile  aze asifele ezonweni zethu,ngokwaKhe  kuyinto eluphawu loMKhrestu weqiniso . 

Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Akusona  nje isifundo lesi esiyi theory elulana kodwa kungokuthi siziphila kanjani izimpilo zethu ;ukuthi mina nawe sibathanda kanjani abaseduze kwethu .Kulula ukungenwa ngubuvila ngisho ngabantu esibathandayo ,asikubeke eceleni nje okwalokho kokwenza umsebenzi onzima wokuthanda labo  esingamthandi,labo abasiphatha kabi ,labo abasihlaba ngendololwane . 

Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane .

Kunamandla aseZwini likaNkulunkulu asenza sithande sithandane .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.