... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubuyela Esikhathini Esasisihle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Joweli 2:25-27 Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane ,nezinkumbi nenkasa nesibotho ,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu. Niyakudla nokudla nisuthe ,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade . Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka Israel nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ,akakho omunye ,abantu bami abayikujabha kuze kube phakade .

Listen to the radio broadcast of

Ukubuyela Esikhathini Esasisihle


Download audio file

Uma sithwele kanzima ezikhathini ezinzima ,uma siphila ukuphila kwemiphumela yesakwenza ,okwezono zethu ,kulula ukucabanga uzitshele ukuthi uNkulunkulu uhleli ntofontofo ezulwini ,ejabulela ukusibona sidonsa kanzima seziyimi emthumeni la kithi .Kodwa cha akulona iqiniso lelo .

Umqondo wokugigitheka maselukhwibikile ugibe sithi ngci ngci awuzwake zibanjwe kweziwudlayo ,angithi ngokwethu siye sithi noNkulunkulu usho njalo ezulwini mayesibuka sesipaquza ? Kodwa cha akuwona sanhlobo umqondo osengqonweni kaNkulunkulu lowo lutho sanhlobo . 

Ngoba nakuba sibonile izolo ukuthi uyavakashela imiphumela yezono zethu phezu kokuphila kwethu ,inhliziyo yakhe ngathi zikhathi zonke,yebo zikhathi zonke ngukusihlenga .Usifuna sibuyele ezandleni zakhe sifudumele kuYe .Ufuna ukusibusa ngothando lwakhe ,ndlelanye njengokokuba ubaba omuhle engenza enganeni yakhe .

Yilelophuzu kanye alenza kubantu bakhe ngomphrofethi wakhe uJoweli :

Joweli  2:25-27 Ngiyakubuyisela kini iminyaka eyadliwa yisikhonyane ,nezinkumbi nenkasa nesibotho ,impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.

Niyakudla nokudla nisuthe ,nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo;abantu bami abayikujabha kuze kube phakade . Niyakwazi ukuthi ngiphakathi kuka Israel nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ,akakho omunye ,abantu bami abayikujabha kuze kube phakade .

Sihlobo sami ,ngicela ungilalele .Uma kungukuthi ngenxa yezono zakho uqhelile kuNkulunkulu waba sehlane   elibi empilweni ;angikutshele ukuthi namhlanje uNkulunkulu ukhuluma nawe egcwele uthando lwakhe lokukuhlenga . Namhlanje uNkulunkulu ukubizela ubuyele kuYe akuphathe ngemfudumalo . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly