Ukucabanga Ngomusa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 2:17-19 Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.

Kungokunye ukuba nomzuzu wokuza kuJesu ohlabahlosi. Futhi uma kungukuthi kwenzeka kuwe ,kimi kwenzeka eminyakeni eminingi edlule ,uma kunjalo kuhle impela .Kodwa kungokunye ngokwehlukile ukukucabanga ukuthi ekaze ingempela sekukonke kuchazani.
Kulezinsuku besikade simatasa sihlaziya isibonakaliso esenzeka kubelusi emva kosuku obelunzima ngokomsebenzi wabo ,nakhu bengazelele kwakhanya bha esibhakabhakeni babona ukukhanya okumangalisayo nazi izingelosi sezihuba zithi udumo kweliphezulu …ungayicabanga into enjalo ngamehlo engqondo uyibone ? Futhi sabona baphendula ndlelani kulesisenzo.
Bagijima …bakhipha lonke ijubane ..beqonde ngqo ukuyobona umusa osemavundululwini efolishi estebeleni sezinkomo ,bezobona lengane elele emkhombeni . Mhlawumpe ngesikhathi beqhuma ezinhliziyweni begcwele nentokozo ngabakubonayo …hleze uJosefa noMariya babezibuza ukuthi ekaze ingani ingempela lendaba ? Benzani ingempela lababantu la beze ngani ? Yini bejabule kangaka .Yisikhathi sokukuchaza lokho .
NgokukaLukha 2:17-19Sebebonile
balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.
Ungazicabangela .UMariya wayeqeda ukuteta .Ugcwele izinhlungu .Kusemacakacaka nalapha .Usazama ukuthola amandla akwazi ukugaqa abuyele ekubeni strong .UJosefa usabheke lomndeni wakhe okhandeka esibayeni ezama ukuwutotobisa awuhlengahlenge ,masinya nakhu sekunabelusi abeze ngentokozo la kuqedwa kubelethwa. Manje uMariya wayevele esazi ukuthi lengane ingekhethekile .Kodwa manje lesisambulo esalandela samenza abe nento ezomcabangisa .Ngakho…
Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.
Ukuthatha inhliziyo yange umusa kaNkulunkulu ngokwenzele impilo yakho ,akuyona into ongayicabanga uyizindle nje imizuzu eyisihlanu. Kuyothatha isikhathi eside ulokhu wetshisa ucabanga uzindla ngesimanga somusa kaNkulunkulu ongachazekiyo empilweni yakho. Ungami ungakhawuli ukucabanga ngalezizinto . Ungami ukuzama ukuziqonda lezizinto .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.