Ukungangabazeki Kwensindiso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 5:24 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
Abantu abaningi abahle banendlela abanayo yokuphila okuphakade ,edidekile .Abanye bathi , angiyena umuntu omubi kangako.ngizoba right Bese abanye abathi,ngakube ngiyophetha ngisemuhle ngokwanele ?
Ngiyakuzwa ,ngakube umuhle ngokwanele ? Mina cha anginjalo futhi angisoze nganjalo .Ngizwe kahle angiyena umuntu omubi .
Ngiphila impilo enhle neqotho ehlelekile engikholwa iningi lethu linjalo.Kodwa akekho noyedwa kithi ophile enhle kakhulu ngokukaNkulunkulu .Sonke sonile ,sisilalelwe yinkazimulo yakhe ,yizinga lakhe eliphakemeyo lokuphelela koqobo .
Futhi yingakho uJesu weza ezele mina nawe ukuzosifela kulesosiphambano ukukhokha inani elalifunwa ngubulungiswa bukaNkulunkulu ;ukuba avuke ukusinika isipho sempilo entsha la emhlabeni kanjalo nobukhona phambi kwakhe ingunaphakade .
Sikubamba kanjani konke lokho? Ngokusebenza kanzimanyana ? Ngokuba ngumuntu omuhle ? Nakhu ngamazwi kaJesu uqobo :
NgokukaJohane 5:24 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
Siyibamba impilo yengunaphakade ngokukholwa kuJesu .Ngokholo ngenani alikhokha kulesosiphambano ,ngokholo lokuthi kahle hle icala lethu nokwahlulelwa okusifanele kuwela kuYe ,sesinokuphila okungunaphakade .
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.
Ngokholo .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.