Umsebenzi Wonke
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarku 16:14,15 Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.

Njengokuba uKhisimusi uza ugijima kithi ,iningi lethu limatasa lihlela ukuthi lizowudla kanjani . Futhi kwiningi lethu kuchaza isikhathi esizoba naso sivakashele abathandiweyo bethu ,abangani nezihlobo.
Kodwa imvamisa leyomigubho kaKhisimusi ayiyona ejabulisayo ,kunjalo ? Ngoba nakuba ungakwazi ukubakhetha abangani bakho kodwa ngeke ukwazi ukukhetha izihlobo zakho. Ngoba kungakhona esisodwa noma ezimbili isihlobo okungesikho nje kuphela ukuthi kunzima ukuphila naso kodwa esingayizwa futhi esiyinyanya kabi lendaba kaKhrestu nobuKhrestu uqobo. Hmm, wenze njani ke lapho?
Into elula kakhulu ngukuvese ungasho lutho ngencazo kaKhisimusi .Isizathu saleliholidi. Nokho ,inkinga manje uKhisimusi yisona sikhathi sonke esinemvume [licence] yokukhuluma ngoKhrestu ,sikhulume ezakhe ezinhle . Futhi akuyona into leyo okumele siyishiyele kwabangongoti kwezokuvangela .Njengokuba u- Charles Spurgeon wake wathi , Kungumsebenzi wonke, weBandla lonke ukushumuyela, ivangeli lonke emhlabeni wonke .
Uma ukholwa nguJesu kuchaza ukuthi uyingxenye yeBandla laKhe . Nebala kunjalo nje futhi uJesu ukusho kuqonde kuthi thwi kubafundi baKhe :
NgokukaMarkhu 16:14,15Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile. Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
Ezweni lonke ,nakubantu bonke . Lokho okubandakanya nosuku lwezibiliboco zikaKhisimusi .Lokho kubandakanya nalabo mhlawumbe abangakulungele ukuzwa .Thola indlela yokukwenza. Batshele ukuthi kungani ugubha ukuzalwa kukaJesu.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.