... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungalenzi Iphutha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 3:2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.

Listen to the radio broadcast of

Ungalenzi Iphutha


Download audio file

Ngesikhathi mina nawe sibuka emumva ezimpilweni zethu ,singazikhumbula lezokhathi ezazingezinhle lakhona sasho izinto ezalimaza abanye abantu –amanga ,ukugxeka ,ukubachwensa  okungenzeka kwehlela ezinhliziyweni zabo njengenkemba .

Kungumqondo ongemnandi ukuwucabanga ,akunjalo ,ukuthi mina nawe sinabantu esibalimazile endleleni ; okungenzeka sashiya uhide lomonakalo la esishambe khona ,ngamazwi esawasho kwabanye abantu . 

Ngake ngezwa omunye ethi amazwi angama container alayishe amandla .Yiqiniso lelo .Esikushoyo futhi ikakhulukazi ngendlela esikusho ngayo ,kutshela lomunye umuntu ukuthi sicabanga ndlelani ngaye . 

Ngisho kungathiwa uluhlobo lomuntu okwenza kube ngumkhuba wakhe ukucabanga andukuba ukhulume  (futhi asivume ukuthi abantu abaningi abakwenzi lokho ,bavese bahulule nje lawomagama asefikile emlonyeni wabo ) ngisho kungathiwa uyaqikelela indlela osho ngayo izinto  nokuqikelela ukukhetha amagama akho ,alukho ungabazane ukuthi nembala mina nawe ,sibalimazile abantu ngesikushilo .

Futhi kwesinye isikhathi ukulimaza okwenziwa ngamazwi ethu kuhlala impilo yonke komunye umuntu . 

EkaJakobe  3:2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.

Wow – umuntu ongakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo! Nembala kuyoba njalo . Lokho kubiza ukuzilawula nokuzithiba okukhulu kakhulu  – okungenye inkulumo esizoyikhuluma  osukwini olulandelayo . 

Kodwa okwamanje yazi lokhu .Amazwi anamandla .Amandla okwenza okuhle noma okubi .Wonke amazwi  mina nawe esiwakhulumayo ndlela thize azokwenza okukodwa kwalokho.

Qaphela Okushoyo !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Make your gift monthly to share more Living Hope!

Hearts are open to Jesus at Easter. Your monthly support will help reach millions around the world to share the hope of Christ.

Make it Monthly