Ungenzi Ngokuthukuthela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 37:8 Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje

Ngakho ngicela ukukubuza ukuthi yini into echukuluza ulaka kuwe isikhathi nezikhathi uzizwe usufutha ?Sonke sinazo izinto ezisicasulayo ,okuthi uma zike zasisukela ngiyakutshela wena kuba sengathi yimamba igxotshwe emsileni isiyala ukhasha inqwaphaza kwasani ,futhi impela uma sesichukuluziwe sidala inqwaba yomonakalo le .
Mhlawumbe kungenzeka ungomunye wabantu abanemvelo ephansi ,kuwe ;ukuthukuthela akuyona into eyinkinga kakhulu.Uma unjalo ,ewu ngiyakubongela ,mina cha imveloluntu yami ayinjalo .Ngazalwa ngigcwele ukugcwala ukwazisa oku-right nokuwrong ngokungatotosi engqondweni yami futhi uma nje umuntu eke weqa umugqa omncane ohlukanisa okuhle nokubi kuvese kuphethuze izibawu emzimbeni wami ngizwa kuluma umzimba wonke .Ngakho kimi ukufunda ukulawula ukuthukuthela kwami kuyinkonzo enkulu impela usuku nosuku.
Mhlawumpe wake wasizwa isisho esidala sesilungu esithi uma udiniwe wobala kuze kube ngu 10 andukuba uphendule kulesosimo .Kodwa noma kunjalo njengokuba umdwebi u -Lucy wake wathi :ukubala uze ufike ku 10 kweza isenzo esicatshangisiswe kahle sokudinwa !
Ngakho, noma ngabe unenkambiso enjani emzweni wakho ngentukuthelo ,ithini impendulo uma lokho kugcwala kokufutheka sekuthe phama kuwe wena owabona isele selisho ukuqhuma ,wenzenjani ?
Amahubo 37:8 Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje
Kunamagama asobala angajulile kodwa ayisenzo esinamandla – kulelovesi elifushane . Pheza – kudedele kuhambe ,kuvumele kubaleke (ngicabanga yilokho okwakushiwo yilesisisho sokubala uze ufike ku 10).
Okwesibili yeka lesosenzo esingumuzwa obangwa wulaka , lomuzwa wokufuthelana usha amashushu ufuna ukuziphindiselela . Ngamanye amazwi vese uqhele uhambe kulesisenzo .
Okokugcina ungakhathazeki , ngamanye amazwi ungavumeli ukushisa kwamalangabi okudinwa kulokhu kufutheleka enhliziyweni yakho ,ngoba uma uqhubeka ulokhu ukotha kunomphumela owodwa kuphela : ukona qha .
Uma kungukuthi awuyibambanga kahle nansi :
Pheza ukuthukuthela ;yeka ulaka ungakhathazeki-kubanga ukona nje
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.