... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akuyona Impilo Entofontofo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 4:23,24 UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

Listen to the radio broadcast of

Akuyona Impilo Entofontofo


Download audio file

Uma kungukuthi usuke walufunda ulandiso lwe-ministry kaJesu ,angikutshhele luyajabulisana .Ephilisa,ekhipha amadimoni ,elandelwa zixuku,izintshumayelo zakhe ezinamandla .Izinto ezimangalisayo .Kodwa kukhona okukhona okukhulu kunalokho amehlo avese ahlale kukho.

Uyabona kwakujabulisana kakhulu . Ngesikhathi amandla kaNkulunkulu ehleli kuleNdoda enamandla eyodwa uJesu Khrestu, kwakuhlale njalo kukuhle kujabulisa .

NgokukaMathewu  4:23,24UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwezwakala ezweni

lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa.

Futhi kuze kube nayinanamhlanje sisawabona  lamandla esekusebenzeni.Kodwa ingozi  ngukuthi sihlale njalo sihubha lezizinto ezikitazanayo ezijabulisanayo ,ezikhazimulayo ,ubukhazikhazi bezinkanyezi senze izindlela zethu zokudumisa emabandleni zibe ngezicwazimulayo nezithathanayo .Sifuna ukujabula ekumlandeleni uJesu . 

Kodwa ake ume ubuke impilo kaJesu kwi-public ministry yakhe .Yena nabafundi baKhe babehamba ngonyawo amamayela angamakhulu ngamakhulu – emvuleni naselangeni ,kushisa kubanda ,emagqumeni nasemathafeni .Kwesinye isikhathi abantu babebanika indawo yokulala .Kwesinye isikhathi babelala bebuka isibhakabhaka nezinkanyezi   kungekho mpheme emakhanda abo  ,belele ogadulweni lwenhlabathi kungekho bunsofonsofo bombhede. 

U-C.S. Lewis lokhu ukubeka kanje : Angizelanga enkolweni ukuzongenza “ngijabule” ngangihlale ngazi ukuthi nebhodlela lewayini    lalingakwenza lokho . Uma ufuna inkolo ezokwenza ujabule ,cha angikukhuthazi uze  kule yobuKhrestu .

Ungalulindeli uhambo lwakho noJesu lube ngolulula .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.