... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Esikhathini Esinzima Ukuthanda

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 5:43-45 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.

Listen to the radio broadcast of

Esikhathini Esinzima Ukuthanda


Download audio file

Izikhathi nezikhathi sizithola sihlangana nabantu abazigudla kabi kithi  – kwesinye isikhathi abantu abasicunulayo, basidelele ,bafune ukusilimaza. Siye sifise enga asihlangananga nabo kodwa kwenzeka . Manje pho yikuphi ingempela ongakwenza ngabantu abanjalo ? Ubenzenjani? 

Abanye bethu ngokwemvelo bayazwela kakhulu kunabanye. Mina ngokwendlela uNkulunkulu angenza ngayo ,siqinile esami isikhumba siyaphuza ukuzwela . Abanye ,njengowakwami ,banesikhumba esithambile esisheshayo ukulimala .Kodwa akukhathalekile udaleke kanjani ,sizofika sona isikhathi sokuthi  ubezwe bekugquza abagquzi abahlale belinde ukukuhuzula .

Yini ingempela lababantu bengabi ngabantu abamnandi njengabanye abakhona empilweni yakho ? Hle hle yini bekwenze kube ngumsebenzi wabo ukuba yizitha kuwe ? Futhi wena siqu-ke manje uzobhekana  kanjani nabo ?

NgokukaMathewu  5:43-45“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho,uzonde isitha sakho.’  

Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo  ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile. 

Imvamisa esifuna ukukwenza ngukuzilimaza izitha zethu ,siphindisele amalahle kuzo  – singakwenza lokho ngokusobala kumbe sifune ukukwenza busululu. Sibazibe,sibabeke kude le kumbe sibajezise  … yileyo mizwa yemveloluntu esifikelayo.

Kodwa uJesu wasifundisa okwehlukile ,wasifundisa ukubakhulekela . Lokho kuyaphambana nemizwa yethu angithi ? Kodwa … ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini

Zikhulekele izitha zakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.