... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hlakanipha !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 13:1 Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise ,kepha isedeleli asilaleli ukukhuzwa .

Listen to the radio broadcast of

Hlakanipha !


Download audio file

Enye yezinto engayithola inokucanulana ngabazali bami , ngukuthi izinto ababezama ukungifundisa zona ngesikhathi ngisemncane ,yizo ezagcina kungeziliqiniso ngababekusho .Awukuzondi lokho?! 

Kunezinto abazali bethu abazifutha kithi  ngokuphindelela , kodwa ngalesosikhathi bezifaka kithi zazingawakhi umqondo ; ngalesoskhathi okwakusenza sikweqe amehlo sithi “ suka abazi lutho bona !”

Kodwa kugcina sekucacile ekugcineni kwempilo ukuthi ukufunda ukugeza  isitsha sakho emva kokudla .Ukubeka kahle izingubo zakho mawugumula yikho okuyindlela yokuphila ekugcineni. Ubani obengakucabanga lokho ? Mina cha ngangingeke ! 

Izaga  13:1 Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise ,kepha isedeleli asilaleli ukukhuzwa .

Ngiyafisa ukuthi sengathi bengingakutshela  ukuthi ngangiyindodana ehlakaniphile .Ngeshwa cha ngangingenjalo. Kunalokho ngangithatha kancane ukumukela okushiwoyo.

Kodwa ekuqhubekeni kwempilo sengifundile ukuthi ,uma sishesha ukubamba izifundo esifundiswa zona ,kusikhathi sinye kushesha ukuthi impilo ibemnandi igcwale ubuhlakani.

Sike sakhuluma ngokumukela ukulungiswa ngeviki eledlule ,kodwa namhlanje sengibuya ngibuyela khona futhi ,ngoba asibhekane ngqo nalokho ,ukumukela ukugxekwa nokuqondiswa … akuyona into iningi lethu elingena kuyo khaxa kamnandi ,amen?

Inhlakanipho nempakamo , ngokwalelivesi yizinto ezehlukene ngamalengiso .

Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise ,kepha isedeleli asilaleli ukukhuzwa .

Inhliziyo ehlakaniphile ivulekile .Ephakeme ivalekile .Impilo iphenduka ibe ngemnandi kakhulu uma semukela ukuqondiswa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy