... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I-Stockholm Syndrome

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 2:19 Bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.

Listen to the radio broadcast of

I-Stockholm Syndrome


Download audio file

Kuyamangaza ukuthi emva kwesikhathi sekwenzekile okwenzekayo singagcina sesijwayele ukuhlala nesimo esingekho ntofontofo futhi esingobutha obenziwa kithi  – kuze kube sesigabeni sokuthi asisakuboni noma kukhona futhi asisakhathazeki nangakho  njengomuntu osefelwe kakhulu ongesenanyembezi . 

Ngo  1973, U-Jan-Erik Olsson wathatha izisebenzi ezine zebhange elikhulu laseSwitzerland  e- Stockholm wazivalela ngesikhathi sokukhomba esingaphumelelanga .Yena kunye nomngani wakhe wazigcina zingabathunjwa kuleyondawo  izinsuku ezingu 6 kwikhosomba le bank elivikelekile eligcina imali nemininingwane yemali ebalulekile. Ngesikhathi sebekhishiwe khona, akukho noyedwa kubona owakwazi ukufakazi enkantolo ngokwenzeka .Esikhundleni salokho baqala baqoqa iminikelo yokuthi bavikeleke.

Okungakho olimini lwesiNgisi kwaqala isisho esithi  “Stockholm Syndrome” esichaza umqondo womenziwa othi uma esekuthunjweni agcine esebanjwe ngumoya wokuthobela umenzi wemihlola kuye,agcine umqondo wakhe esewuthobisele ekuyingazisweni  yisigilamkhuba phezu kwempilo yakhe .

Kuyinto engacabangeki leyo ,akunjalo? Futhi ngiyazibuza ngokumangala ukuthi ekaze lokhu kwenzeka kokuthanjiswa kwengqondo  akuchazi yini ncimishi ukuthunjwa yisono esigcina siphila ngaphansi kwaso , kumbe mhlawumbe abantu abasiholela ohlobweni lwesono esinjalo .

2 EkaPhethru  2:19 Bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.

Kuyamangaza akukholakali ukuthi sikwazi ukunamathela sithi neh kangaka kulesisono esidicilela phansi impilo yethu , futhi esinamandla okusephuca  ukuba kwingunaphakade ebukhoneni boMdali wethu .Kodwa futhi nakhu yithi labaya sikuso kanye lesosimo sokukinatelwa yisono esesiziphe amandla phezu kwempilo yethu . 

Kodwa ayibongwe iNkosi nazi izindaba ezinhle –uJesu uzile ukuzokukhulula-akukhulule ngokuphelele  – emandleni esono phezu kwempilo yakho . Ungangeni kwi -Stockholm Syndrome. Phendukela kuJesu ngoba uma ekukhulula uyoba ngokhululekileyo impela .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.