... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Yomuntu Leyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 24:11,12 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.Uma uthi : “Bheka besingakwazi .”

Enye yezimpi ezikhona ,uma bengingasebenzisa lololimi ,phakathi kwalabo abazibiza ngabakaNkulunkulu nabantu bakulelizwe , ngumbuzo ongokuhushula izisu .Umuntu athi : Kungani laMaKhrestu eyisidala ngaloludaba ?

Angikutshele ukuthi andukuba ngizinikele kuJesu ngangingaboni lutho olubi ngokuhushula izisu . Inkinga ikuphi ingempela ? Kahle hle kungcono ukuwugudluza umbungo ungakabi yingane ,esikhundleni sokuletha ingane engadingeki kulomhlaba .Kwakungani laMaKhrestu ayehleli kuloludaba eyigcizelela eyokungahushuli izingane ?

Kodwa ngamhla ngizinikela kuJesu ,ngale kokuba ngize ngichazelwe umqondo wami waguquka. Ngaqala ukuyibona ukuthi ikuphi inkinga ,yacaca bha okwesibhakabhaka . Njengokuba u – Kevin Sorbo we- Vitae Foundation ubeka kanje : “Ezinsukwini ezingu 22 isuke isishaya inhliziyo yengane .Uma kungesiyona impilo yomuntu ophelele leyo ,ngitshele kuyini ingempela .” Nakanjani impilo yomuntu leyo !

Ngakho njengokuba sengibe kuzo zombili izinhla ,zabavumelana nokuhushula nabemelene nakho ,ngiyaluqonda lolungqubuzano.Ngiluthola kahle . Kodwa futhi manje ,kungani laMaKhrestu lokubuka kwawo angakugcini kuwona ngaphakathi kuphela ? Kungani kumele bakhulume kudume izintaba  ngaloludaba ?

Izaga 24:11,12 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.Uma uthi : “Bheka besingakwazi .”

Yingenxa yalokhu kanye .Ngoba ukuhushula kungukuthatha impilo yomuntu . Futhi bonke laba abanathi ekukholweni nguJesu abanakho ukuzilandulela  bancele izithupha bengakhulumi ngaloludaba . Lowombungo ….sekuyimpilo yomuntu leyo . Futhi uma kubiza ukuba sibe sesikhathini sokwenza esingakwenza ukuyisindisa ,asibhunkule sikwenze lokho . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.