... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impucuko Egugayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:3,4 Nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo, bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”

Listen to the radio broadcast of

Impucuko Egugayo


Download audio file

Akwenzeki ukhathale ngukubuka nokulalela izindaba ? Kuyangenza mina . Ngesikhathi uqhubeka uzibuka ngokomzimba ohlehlile ,kuba sengathi ulalele abantu abagcwele ukuhlale bephikisana ngezinto futhi abangenahliziyo ngomunye .

Mhlawumbe lokho kungenzeka kube ngukubuka …okungenambono oya phambili ,ngoba yebo simelwe ukuzigcina sazi ukuthi kwenzakalani emhlabeni . Kodwa izindaba zibukeka  seziphunduke zaliqhubu lokugxekeka . 

Nebala kunanamazwi acikanayo : Izikole ziqeda ukubizwa kwamagama athi  “umama”  “Ubaba” ngenxa yokuthi zihhudla kabi ngokobulili ziveza ubulili obubili .Amadoda uwathola egqoke njengabesifazane engosaziwayo ngisho nakwezimidlalo yabesifazane .  Abantu beshayela ihlombe imithetho ekhulula abesifazane bahlephule izingane ezibelethweni zabo ngobuningi . 

Futhi uma kungaze kube nomuntu ongalokotha asukume agxeke ukuthi yimbi lento , abantu  bafuna ukumqhobozela njengebhubesi qede bamthulise nya .Manje pho ngakube sonke simelwe ngukumangazwa yilokhu na ?

2 EkaPhethru 3:3,4Nazi kuqala lokhu ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,  bethi: “Siphi isithembiso sokufika kwakhe na? 

Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.”

Lokhu kwabhalwa eminyakeni  engu 2000 eyedlule futhi akukho osekuke kwaguquka . Isazi sebhayibheli kunye nomcabangi wekhulunyaka lamanje  u- GK Chesterton ukubeka kanje : Yonke impucuko ephakeme iyagqwala iyabola ngenxa yokukhohlwa yizinto ezisobala . Futhi yilokho kanye okwenzekayo . 

Uyakholwa nguJesu Mlaleli wami ? Ngakho ungabi yingxenye yalokhu kugqwala. Ungakhohlwa yizinto ezisobala . Sonke siyizoni ,uJesu wafa ukuze sonke sithethelelwe ,futhi wavuka ukuze izimpilo zethu ziguqulwe .Futhi yebo lusuku lumbe …mhlawumbe masinyane ngokungaphezu kobesingakucabanga uyabuya .

Ngesikhathi umhlaba ugqwala ubola ,okwethu masizondle ngeZwi likaNkulunkulu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.