... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indawo Yakho Yokuphepha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 62:7,8 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu,idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu .Thembani kuYe ngezikhathi zonke nina bantu ,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe ;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu .

Listen to the radio broadcast of

Indawo Yakho Yokuphepha


Download audio file

Izolo sikhulumile ngezinhlupheko  – inhlanhla yokuhluphekela uKhrestu ngesikhathi isibusiso sakhe kithi sigelezela kwabanye sikuzo kanye izinhlupheko .Futhi nebala kuyinhlanhla .Kodwa leloqiniso ukuso kanye  lesosigaba senhlupheko aliwenzi umqondo .

Esikudingayo kanye kulesosikhathi senhlupheko kubili ;yiqiniso kunye nendlela enhle yokubhekana nayo . Ngoba uma sisekuhluphekeni ukholo lwethu luzwakala luntenga .Luba buthaka.Siyaqala sizingabaze kunye noNkulunkulu . Ngakho nakhu kokubili ,iqiniso kunye nendlela esebenzayo ,kuqhamuka endodeni eyabhekana nezinhlupheko ngaphezu kwakho  kumbe angithi engingabazayo ukuthi uyoke udlule kuzo – INkosi uDavide :

Amahubo 62:7,8 Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu,idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami  kukuNkulunkulu .Thembani kuYe ngezikhathi zonke nina bantu ,nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe ;uNkulunkulu uyisiphephelo sethu .

Iphuzu la ngukuthi icebo likaNkulunkulu ngawe ngukukwazi ukuzuza  ukunqoba neqholo lokuhlonipheka ekugcineni . KuDavide kwabe kuchaza ukunqoba izitha zakhe qede ahlale esihlalweni sobukhosi buka –Israel. Kwesami nesakho isimo kusengachaza okunye okwehlukile ngokwezimo zethu. Kusengachaza ukuthi sizuze isibindi ebesingasazi sikhona kithina ; ukuthula okwedlula ukuqonda konke .

Noma ngabe kuwe kuchaza ukuthini kodwa iqiniso elimile elivela lapha ngukuthi uNkulunkulu uyiDwala lakho . Uyindawo  yakho yokuphephela . Akanakugudluzwa .Ngeke ahluleke ukukumela .Ilapho nje ,fodo finishi.

Futhi indlela okuyiyo esizayo ngukubeka ithemba lakho kuNkulunkulu. Manje lokho kulula ukukusho ,kodwa kunzima kakhulu ukukwenza . Ngakho thululela inhliziyo yakho kuYe .Yebo shlobo sami mtshele zonke izinkinga zakho .Ngoba uyindawo yakho yokuphephela .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy