... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indebe Yami Iyachichima

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 23:5,6 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami ;ugcoba ikhanda lami ngamafutha ‘indebe yami iyachichima .Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .

Listen to the radio broadcast of

Indebe Yami Iyachichima


Download audio file

Abanye abantu ngokwemvelo yabo ,ababoni ngeso lokukhanyelwa yinto ,bavese bengaboni[pessimist]. Bangabantu bemininingwane kweqe ,bahlale bebona izincucu zezinto ezi-wrong zikhathi zonke .Abanye ngokwemvelo yabo babona imayini ngisho amehlo ethi yizintaba ,bangabaphuphi bamaphupho empilo ,bangosomaqhinga bamasu aya phambili. Kodwa kukhona futhi nohlobo lomuntu wesithathu .

Nakanjani sewuke wezwa ukuthi kukabili ,ukuthi uyinkomishi engu-half ukugcwala kumbe e-empty ngokungu-half .Yiyona ndlela imvamisa okuyiyona .Mina imvamisa ngiluhlobo lomuntu oyinkomishi  engu-half ukugcwala  . Ngibona amathuba ezintweni ngisho othi masubukisisa kahle ubone ukuthi akuthi ngcaa ngcaa. Futhi ukuletha i-balance kulokho ngizizungenza ngabantu abayizinkomishi ezi-empty u-half .

Pho ngobani lababantu besibili abaqopha umlandu . Ngibabiza ngokuthi zinkomishi ezigcwele phama .

Amahubo  23:5,6 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami ;ugcoba ikhanda lami ngamafutha ‘indebe yami iyachichima .Impela okuhle nomusa kuyakungilandela  imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .

Elinye iHubo leli elabhalwa nguDavide ,indoda eyayinezitha eziningi ezingaphezu kwezintuthwane . Wafunda ukuthi noma ngabe isimo sakhe sintenga kanjani kodwa uNkulunkulu unaye khona lapho. Ake ubuke lesithombe esizwakala zingumsangano asipendela sona lapha : 

Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami 

Ibutho lesitha liyabhodla ngale kwentaba ,kodwa uNkulunkulu udeke itafula ukuba azitike azibusise athokoze phambi kwaso sibuka . UDavide akayibuki inkomishi ngokokugcwala uhalf noma ukuba empty uhalf .Kodwa uyibona igcwele ichichima .Kungani ? Yingoba uyazi ukuthi uNkulunkulu unaye kuleyondawo . Futhi uma sikwazi lokho ngokungananazi siba nokuthula ngaphakathi kithi ngisho kugubha amagagasi.

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela  imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..