... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlela Entsha Yokuphila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 13:34,35 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Listen to the radio broadcast of

Indlela Entsha Yokuphila


Download audio file

Izolo sikhulume ngokuzicabanga wena kuphela , ngoba imvamisa  sicabanga ngathi kuphela sikhohlwe nya abanye abasidinga ngempela empilweni .Manje yikuphi esingakwenza ? Singaphila kanjani ngokuhlukile ?

Angazi noma sewake waba nawo lomuzwa , kodwa kwesinye isikhathi kuye kubukeke sengathi yonke lento enhle , “leyonto yezenkolo” lento lamaKhrestu aqhakambisa ukuyikhuluma sengathi kade yazisukela kwimpilo esiyiphilayo usuku nosuku kuleminyaka esikuyona .Impilo ozoyiphila namhlanje la ukhona ,emsebenzini ,ekuxakekeni yizimo zomndeni nezezimali.

.Futhi yebo khona kunjalo ,ayikho into engahamba ukwedlula iqiniso. Ikakhulukazi mase kuziwa ekuphileni impilo engengawe ,engengokuzidelisa wena ,kodwa le ethinta izimpilo zabantu ngendlela enothile nenengcazo yokuphila.Yilokho uJesu ayekhuluma ngakho ngamhla ethi :

NgokukaJohane  13:34,35 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.  Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

Mhlampe kungenzeka ukuthi lamagama asejwayelekile ngangokuthi kulula ukuweqa ungawanaki. Kodwa ake sime kuwo  … Futhi sicabange ukuthi izimpilo zethu zizobukeka kanjani , uma siziphile kanjalo.Kushiwo ukuthi siphile ngendlela ecacile elula ,sithande ngokungenamkhawulo ,sinanekekele ngojulile sikhulume amazwi amahle .

Akukhona lokho uJesu akhuluma ngakho la ? Kungumehluko omngakanani okuyowenza ukuphila leyompilo yakho emsebenznini ,ekhaya kini kwakho ,kwezezimali zakho …nasezimpilweni zabanye .?

Phila ngokucacile okulula. Thanda ngokungaphezi. Nakekela ngokujulile .Khuluma ngobumnene.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..