... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inhlansi Efihlwe Emlothweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 2:23-25 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke, nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

Listen to the radio broadcast of

Inhlansi Efihlwe Emlothweni


Download audio file

Ngokokudalwa kwethu ,siyizidalwa eziphila ngokuxhumana singuluntu ,siyathanda sithokoze kakhulu uma ezokuxhumana kwethu nabanye abantu zihamba  kamnandi.Lokho okubandakanya ukuthokozisa abanye abantu  kanjalo nabo bethokozisa thina . Kodwa kwesinye isikhathi lento yokuthokozisa abanye abantu singayithatha siyiyise kude kakhulu.

Uyazi kuhamba kanjani .Kubo bonke ubudlelwane kungokupha  nokwemukela . Futhi uma sikwaze ukuyibamba kahle kanjalo ,ngiyakutshela wena lobobudlelwane buba ngobumnandi kakhulu? 

Kodwa kancane kancane okulindelwe ngabanye abantu kithi kungagcina kusengama . Sonke siyathanda ukuthandwa ,ngakho singazelele singagcina sesidansela isiginci sabanye abantu ngoba sifuna ukuthandwa yibona  .Yinto leyo uJesu owayeyazi kahle .

NgokukaJohane  2:23-25 Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke,  nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

Futhi wenza kahle wangabathemba  lababantu ngoba ekujuleni kwezinhliziyo zabo kwakuzike udaka lokudinwa nokumenyanya okwakuzoqubuka lusuku thizeni  sebeklabalasa bethi “Mbethele ,Mbethele !”

Uyabona ngisho ungamuhle kangakanani ube ngumuntu izihlwelwe eziphenduka naye zithi ‘woow yebiya buhle bomuntu ‘  Ziyizinhlasi zomlilo ezizike emlotheni oyozizwa seziqhuma zikushise ngiyakutshela wena . Ziyokwahlulela ngendlela ngokwemizwa yazo .

Yebo kuhle ukumbambathwa emahlombe ngomsebenzi omuhle owenzile . Kodwa njengoJesu hlukanisa  okusezinhliziyweni zabantu .Zazi izinhloso  zabo ngabakwenzayo ukuba zimsulwa noma cha .

Ungaphili impilo yokujabulisa izihlwele .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.