... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INkosi yethembekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseThesalonikha 3:3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

Listen to the radio broadcast of

INkosi yethembekile


Download audio file

Izolo ngithe jwaphu ukunicobelela ngokumbalwa okuyingxenye yomsebenzi wokukhiqhiza lengosi yedevotion usuku nosuku  nokuba ikwazi ukuphuma ifinyelele kwizigidi ngezigidi zabantu  emhlabeni ngezilimi ezahlukene bayibuke ,bayilalele kumbe bayifunde izinsuku zonke . 

Manje ,lokhu angikucobeleli khona  ngoba ngikwenzela ukukukhombisa sibahle kanjani ,cha .Lutho sanhlobo ! Nathi sinawo amaphutha esiwenzile  emsebenzini . Kodwa ukuzibonga kwethu kuseNkosini ,ngekwenzile nge-FRESH,kodwa futhi ngokusemqoka kakhulu ngokokuthi yikuphi engakwenza  empilweni yakho . 

2 KwabaseThesalonikha  3:3 Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

Manje bewumelwe ukuzibuza ukuthi  kungani lelivesi liqala ngegama elithi “kepha ”? Yebo,yingenxa yalokho uPhawuli akubhalile evesini elingaphambili  mayelana nomsebenzi wakhe wokumemezela izindaba ezinhle  zikaJesu emhlabeni wonke owaziwayo : 

2 KwabaseThesalonikha  3:2 , sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini,  nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke.

Ngeke ukukholwe lokhu ,kodwa kuvume . Lelithimba elincane le- Christianityworks elikhiqhiza lengosi yama devotion e-Fresh eza kuwe nsuku zonke ,isibhekane nabelene nayo nekwenzayo ngokwezinga eliphezulu – ukukhashelwa kwamanye amazwe ,ingozi ,ngisho ukukhishwa inyumbazane ,ukuhlaselwa okuvela esitheni . 

Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

Futhi ngivumele ngisho ngengaphakathi lami lonke ,ukuthi lokhu kuliqiniso elimile nakweyakho impilo .Noma ngabe ubhekene nobutha obungakanani nobunzima ophakathi  kwabo njengamanje ,noma ngabe kubukeka kunzima kangakanani njengamanje …. Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.

Kunamandla aseZwini likaNkulunkulu.Amandla okunqoba omubi .Amandla okunqoba abamelene nevangeli .Amandla okukhula ngentobeko nobungcwele .

Ayibongwe iNkosi esinqobisa ngevangeli! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.