... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inzuzo Yokubalekela Okubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 97:10-12 Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.Jabulani kuJehova nina balungileyo,nibonge igama laKhe elingcwele .

Listen to the radio broadcast of

Inzuzo Yokubalekela Okubi


Download audio file

Kunezinhla ezibili zokubheka izinto empilweni ngokuneqhaza ekukwenzeni . Olokuqala uhlangothi ,yila khona abantu bezinikela ngokugodliwe bengakwenzi ngezinhliziyo eziphelele –lolu lwenziwa ngabaningi .  Uhlangothi lwesibili ,yilolu oluthathwa yizihlabani izingqwele uqobo lwazo ,yilakhona umuntu ezinikela ngoqobo lwakhe luphelele ekwenzeni into .

Futhi uma kungukuthi lowomehluko ungena kuyo yonke into empilweni – umshado ,ubuzali,ezokusebenza noma yini enye – nakanjani kushukuthi ziyangena nakumuntu olandela uJesu lezinhlangothi zobili.

Ngeshwa ,uma  abaningi benza lezinqumo ,bashoshela kulengxenye yokuzinikela ube uthe gongo umzimba futhi . Umqondo wabo uhlala ungokuthi “yini engizoyithola la?” “yini engizoyizuza? ” esikhundleni sokuthi “ yini engingayinikela la?” ,yini engingayenzela uNkulunkulu ngokuzinikela ? 

Ngokungabazi ngazi kahle loluhlobo lokukhetha ulwazi kahle nawe Mlaleli. Yebo nakuba impela uNkulunkulu kunguYe osinika ukuzikhethela kodwa kucacile ukuthi yikuphi afuna sikukhethe:

Amahubo  97:10-12 Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi.

Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.Jabulani kuJehova nina balungileyo! Nibonge igama laKhe elingcwele !

Uma silokhu sishoshela ekuzinikeleni sakuzigodla kuJesu ,kungabi sikhathi esitheni lowomqondo ugcina uholelana ebubini , sigcine sesingungwe yilolonke uhlobo lwababi eduze kwethu .

Kodwa uma sithatha uhlangothi lwezihlabani sihlale sizibuza ukuthi yini konje esinganikela ngayo senze kangcono ekumkhonzeni uNkulunkulu ngezimpilo zethu , uma sibalekela okumbi ,uma sikuzonda  … masisha singalindele kuvese kube nenzuso eyinkokhelo enhle esisuke singayilindlele :

Uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi.

Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.

#Bamba lokhu ngoqobo lwakho : Zonda ububi !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..