... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isihe SikaBaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 103:13,14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli.Izinsuku zomuntu zinjengotshani ,uyakhahlela njengembali yasendle.

Listen to the radio broadcast of

Isihe SikaBaba


Download audio file

Busuku bumbe saba nesidlo sakusihlwa esimnandi sivakashelwe ngumhlobo wethu. Indodana yakhe nomakoti wakhe  babelindele ukufika komntwana .Kodwa phakathi nesidlo wathola ucingo olwaluvela kumkakhe olwalumsanganisa ingqondo.

Angikuzwanga okwakukhulunywa kodwa ngesikhathi ngibona ubuso bakhe buguquka ngaba nolwazi ukuthi yini eyenzekile .Umakoti wakwakhe wayephuphunyelwe yisisu ,ngakho balahlekelwa yilomntwana .

Okwakuvela ebusweni kwabe kuyisibuko nokwakwenzeka enhliziyweni yakhe .Kwabe kuyisihe nezibele zikababa,ubaba ekhalela izingane zakhe ,ngobuhlungu nolahlekelwa ababebhekene nakho . 

Nakuba kwabe kuyisikhathi esasibuhlungu kakhulu kodwa yiyona ndlela okwabe kuzophetha ngayo emva kwesehlo.Inhliziyo yesihe sikababa ngezingane sakhe singubuqiniso boqobo. 

Amahubo  103:13,14 Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli.Izinsuku zomuntu zinjengotshani ,uyakhahlela njengembali yasendle .

Kulula kangakanani empilweni yakho ngesikhathi  usabhekene namagquma nemihosha yempilo ugcine ususikhohliwe isihe sikababa osezulwini? Enhliziyweni yakhe enkulu negcwele isihe sikababa ,uyakulangazelela .Uyabuzwa bonke ubuhlungu obuzwayo ngokokungathi buziwa nguye  luqobo . Ngisho kungathiwa lokho kulimala kungumphumela  wokuzilimaza wena . Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu ,uyakhumbula ukuthi siluthuli

Ngakho esikhathini lakhona kubuhlungu  kunsonsotha ,uphakathi nenhlupheko ekusanganisa ikhanda  ,khumbula ukuthi ….uthando lukaNkulunkulu ngawe ,isihe enhliziyweni yakhe yokuba ngubaba akusona isifundiso nje esiyi- theory . 

Yinto ephathekayo .Ephatheka ngokoqobo.

Yeka uthando lukaNkulunkulu ngami  nawe shhlobo sami .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.