... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isiwula Esingaboni Engiyiso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:12,13 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelel kwezisithekileyo. Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;mazingabusi phezu kwami.Yikhona ngiyakube ngiphelele ,ngingabe ngisaba nacala eziphambekweni ezinkulu.

Listen to the radio broadcast of

Isiwula Esingaboni Engiyiso


Download audio file

Akekho noyedwa kithina ofunayo ukuvuma ukuthi sinokusitheka okuthile kithi ,sesingasayiphathi eyokutshela izwe lonke ,ukuthi asiyi phambili ngoba sinolwelwesi olusisithile . Akekho noyedwa kithi ofuna ukusho lokho . 

Impakamo yethu yenza kube nzima ukubhekana nokusebenza amathuzi asenza singaboni esithe .Abanye abavese baqinise ubuso bekwenza lokho ukwemboza ubuhlungu abanabo ngaphakathi.Abanye bayazifihla bebebazi kahle kukhona into engehambi kahle ngaphakathi kubo ,nakuba bengeke bayikhomba ngqo .

Futhi  isizathu ngqo ukuba singakwazi nokubeka umunwe sikhombe ngqo la ikhona inkinga yingoba isesithe la singaboni khona . Into eyinkinga ngukuthi ekuphileni kulelosithe esingaliboni ,ebese kuvese kube nomuntu okhanyisa ebumnyameni bethu ,emva kwalokho qhaa kuthi bhaa konke .

Kodwa ngaphambi kokuba kwenzeke lokho sidinga ukuzithoba sivume ukuthi kunotho ngaphakathi kithi olungaluhle oludinga ukulungiswa . Nansi indlela uMhubi abeka ngayo emkhulekweni wakhe :

Amahubo 19:12,13 Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.

Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo;mazingabusi phezu kwami.Yikhona ngiyakube ngiphelele ,ngingabe ngisaba nacala  eziphambekweni ezinkulu.

Kahle hle akavumi kuphela ukuthi uyisiwula esingaboni kodwa uyacela ukuthi asindiswe nakokufihlekeleyo . Ukuncenga kwakhe kuNkulunkulu yilokhu : Ngithethelele kwezisithekileyo.Yikhona ngiyakube ngiphelele ,ngingabe ngisaba nacala  eziphambekweni ezinkulu.

Nebala yilokho kanye uNkulunkulu akufuna ngawe sihlobo sami . Isiqalo kuba yintshisekelo yoguquko. Kuqala ngenhliziyo evulekile ethobekile .

Lenhliziyo ethobekile ukwazi ukuba nayo ngokulandela uthandaze wona kanye lomkhuleko waleliHubo .

Yilo kanye nebala iZwi leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..