... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izwi Lomhlaba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 40:8 Utshani buyabuna imbali iyavuthuluka ,kepha izwi likaNkulunkulu limi kuze kube phakade .

Listen to the radio broadcast of

Izwi Lomhlaba


Download audio file

Umhlaba esiphila kuwona usuguqukile kakhulu ngisho ngaphezu kweminyaka engu 20 edlule  – i-technology, globalisation, ukuziphatha ,nenkambo  ..indlela esisebenza ngayo ,nesithokoziswa ngayo . Nembala ngumhlaba ohlukile lo . 

Uzakwethu ngabo 1970/72  wayeqeda isikole efunda e-Varsity . Ngakho kuyamangaza kuyesabisa ukubona ukuthi u-1972 ukude le kwizolo lethu njengokuba u – 2072 ekude ngokwekusasa. Yabona!!

Uthi uzakwethu kulezinsuku uke wazithela esithombeni somgwaqo omkhulu wedolobha langakubo eminyakeni yama  70’s. Izimoto namabhasi kubukeka kuyisidala ngokungachazeki .Kwakumangaza ngisho ukubuka indlela abantu ababegqoka ngayo kulezonsuku nangendlela  izinwele zabo ababezithanda ngokwayo . Impela …akusona isikhathi esikude kakhulu leso !

Lesosthombe saba njengokuthelwa ngamanzi qede uvuke gubhabha ekuboneni ukuthi kungakanani osekushintshile ikakhulukazi  ngokuziphatha , ikakhulukazi ngoNkulunkulu , ngakushoyo eZwini laKhe okuhle nokubi .Isizwe sesiguquke ngamalengiso kokuyiqiniso laKhe .

Nebala ngisho iBandla nalo  – ngokobuqoqo kanjalo nangokomuntu ngayedwana . Mhlampe bese kuyisikhathi sokuvuka emaqandeni .

Isaya 40:8 Utshani buyabuna imbali iyavuthuluka ,kepha izwi likaNkulunkulu limi kuze kube phakade .

Zonke lezozinto ebengizichaza ekuqaleni zinjengezimbali notshani. Amafashini ,ukuziphatha  nezinkambo konke lokho kusazoguquka .I-Technology  yona … nebala ngubani owaziyo ukuthi izobe isinjani eminyakeni nje emihlanu ezayo . 

Ngakho ungakuvumeli ukuphathwa yizinto ozibonayo ,okwazi ukuzithinta zikugudluze kulokhu uNkulunkulu akusho okumile  – ngoba nakuba utshani nembali kubuna kodwa iZwi likaNkulunkulu limi ingunaphakade . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.