... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani UKhrestu Echukuluza Kwabanye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 24:44-49 Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.

Listen to the radio broadcast of

Kungani UKhrestu Echukuluza Kwabanye


Download audio file

Elinye iqhinga lalabo abamelana nathi ngobuKhrestu esiyibo ngukuthi basishekelele basijeme masikhuluma . Bazame ukusithulisa ngokuthi bakwenze kube yicala elichukuluza omunye  ukukhuluma esikushoyo .

Emva kwakho konke ,balethe impikiswano yokuthi akuyena yini uNkulunkulu wothando esikholwa nguYe na. Futhi uthando luchaza ukumukela omunye .Luchaza ukumbekezelela ummukele enjalo .Uthando luchaza ukumfaka omunye umuntu empilweni noma ngabe uhlukile ,luchaza ukukwazi ukuhlangana sibe sehlukile nangezinkolelo .Basho konke ukukubrasha ikhanda . 

Kodwa uthando lusho futhi ukukhuluma iqiniso . Abazali bami babengithanda ,ngakho abazange babekezelele ukuziphatha kwami okubi ,bavumele ukungabuseki kwami .Njeke .Kodwa manje izwe likhetha ukuzizwa lichukuluzekekile ngevangeli .Manje umbuzo uthi ngani ? U-Charles Spurgeon uyachaza : “UKhrestu ulimaza abantu ngokubachukuluza ngoba ivangeli lakhe alisibekezeleli isono ”.

Ukungabekezeleli isona kukaJesu yikho okumenze abe yitshe lokuqhuzula .

NgokukaLukha  24:44-49Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”  Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.  Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka

uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto.

Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.

Ukubambile lokhu uJesu akushoyo lapha ? Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Akukho ukuthethelelwa ngaphandle kokuphenduka . Nebala ivangeli alisibekezeleli isono . Yilokho kanye mina nawe esibizelwe ukukumemezela . 

Ngakho ungamangali uma abantu bechukuluzekekile  belimele yivangeli.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..