... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani UNkulunkulu Ephuza?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:8,9 Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

Listen to the radio broadcast of

Kungani UNkulunkulu Ephuza?


Download audio file

Ukuzizwa usempini kwesinye isikhathi kulithuba kodwa elingezi kahle . Ake ngisho ngiqonde nje ukuthi kwesinye isikhathi ukuzizwa usempini yokokungathi ubhekene nobutha kusuke kulithuba elingemnandi kodwa elivezwe nguNkulunkulu . Nakuba sisuke thina sijahe ,kwenzeke kudlule ,uvese uNkulunkulu azenze kancane izinto . 

Angithi nawe sewuke waba kulesosimo,angithi? Uhambe ohlwayini ongafisi ukuba kulona .Ukhuluke ngokucinelela ukuba uNkulunkulu alugudluze .Avese aluvumele luqhubeke luze lufike ngisho esigabeni sokuba wugwadule uqobo .

Kwabe kuyileso sehlo kanye amakholwa asesikhathini somphostoli uPhethru ayebhala ngawo. Ayezingelwa kabuhlungu ndawo zonke .Kulesosikhathi babekholwa sengathi uJesu uzobuya masisha wena ongafunga kusele izinsuku ezimbili kuphela afike . Ngakho nakhu uMoya oNgcwele akukhuluma kubo ngoPhethru:

2 EkaPhethru 3:8,9 Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi

usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye. 

INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.

Manje ,buka ngoba nakhu sisakhona nathi emva kweminyaka eyizinkulungwane  ezimbili sisakulindile ukubuya kukaJesu . Hhayi ngoba uNkulunkulu enza kancane kodwa yingoba ufuna ukunika wonke umuntu ithuba ukuba aguqule indlela enza ngayo izinto .

Kwesinye isikhathi uNkulunkulu uzenza zihambe kancane izinto [kumbe angithi iyona ndlela okuzwakala ngayo kithi la  esisuke sihleli khona ] ,yingoba Yena unecebo elikhulu . Kwesinye isikhathi lelocebo elikhulu lingathi ,kwesinye isikhathi lingabanye abantu . Noma kungayikuphi ,methembe .Isikhathi sakhe sihlale si-perfect. 

Noma ngabe sikuzo lezikhathi ezinzima okusemqoka ngukuba uNkulunkulu asiphe ukunqoba siphakathi kuzo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..