... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuwukuhlasela Phela Lokhu !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 7:12 Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Listen to the radio broadcast of

Kuwukuhlasela Phela Lokhu !


Download audio file

Kulenminyaka  eminingi ngiphila sengihlangane nabantu abaphila emazweni abangakhululekile ukusho abakucabangayo kuwo. Futhi uma ngibapha indlebe kungipha umqondo wonya lokucindezelwa .

Ilungelo lokusho okucabangayo [Freedom Of Expression] iningi lethu siliqonda  liyilungelo eliqavile emalungelweni oluntu. Kodwa angisho ukuthi namhlanje ngisho emiphakathini nasemazweni aphila ngokukhululekile angafaki bhaxa kubantu [ngikusho lokho ngenhlonipho] kodwa nakuwo kubukeka lelilungelo seligugulekile ,ngokuningi impela ngaphezu kobesingakucabanga .U- Sir Winston Churchill, eminyakeni eminingi edlule wakubeka sakuphrofetha wathi :

“Kwabanye abantu umqondo wokukhuluma ngokukhululeka bawutolika ngokokuthi bakhululekile ukusho noma yini abayithandayo,kodwa uma omunye esho okuthile kubo esebaphendula sekuyimpi kubo.”

Futhi yiyona ndlela ngempela leyo izinto eseziyiyona kulesikhathi sesimanje  manje . Uthando ,ukuphila nabantu nokuqonda izimo zabantu sekuhwamukile ngenxa yemiqondo-zimfundiso engena kubantu igxile . 

Okuningi kwalempi ibhekiswa kumaKhrestu ,ngezinto uNkulunkulu azisho zicace azihlukanise ukuthi lokhu okuwrong lokhu oku right , ngokwezinga lokuthi abamelene nathi balwa ndlela zonke , ukusivala ukukhuluma iqiniso .Manje siphendula kanjani ezimweni ezinjalo? Ngokumemeza sibuyisele ngokuklabalasa nathi?

Angicabangi kanjalo .UJesu wathi :

NgokukaMathewu 7:12 Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

Manje awungixoxele uthanda bakuphathe kanjani labo abakuzondayo ,abakukhuluma kabi ,abakuzonda ngonya ,yiyiphi indlela ofuna bakuphathe ngayo  kangcono ?

Nebala yiyona ndlela leyo uJesu afuna ubaphathe ngayo .

Yebo  yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.