... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngegxathi Lonke Olithathayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 3:6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.

Listen to the radio broadcast of

Ngegxathi Lonke Olithathayo


Download audio file

Kulula ukusho ukuthi methembe uNkulunkulu ezikhathini ezinzima . Ukukwenza kodwa kunzima ngoba kunzima ukuthemba ongamboni ,ube usesimweni esicacile esibonakalayo esiphambi kwakho ,lokhu kuvese kuphikisane nengqondo . 

Iministry engiyingxenye yayo eletha kuwe lama-devotion usuku nosuku ibizwa ngokuthi  Christianityworks [UbuKhrestu Buyasebenza] . Ngani ? Ngoba ngenhliziyo yami yonke ngiyakholwa ngukuthu ubuKhrestu buyasebenza  .Ukumlandela uJesu kuyasebenza .Ukumethemba uJesu kuyasebenza . Yingakho abekwezokumaketha imininistry le bayibize ngokuthi ‘yibrand ethembisayo’.

Yebo ,phela uma  kunjalo kumele isebenze ezikhathini ezinzima nezilula empilweni. Ngakho ake sikhulume ngalezozikhathi ezinzima ,ezingelula neze .Kulula kanjani [kumbe akwenzeki ] ukuba umethembe uJesu mawubhekene nesimo esinzima , hmm?

Siyazi ukuthi simelwe ukumethemba umbuzo  uthi  … kanjani? Ukwenza kanjani lokho ingempela ? Umethemba kanjani uJesu ezikhathini ezishubile ?

Izaga 3:6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.

Ilapho kanye le yokuthi “kanjani”. Lelivesi liqhamuka lithi thushu phakathi nendima ekhuluma ngokuthi umethemba kanjani ezikhathini ezinzima .Kanjani ? Ngesikhathi unyathela  ngokuqikelela ,kwesinye isikhathi kanzima , kwesinye isikhathi ngokukhohliseka enhliziyweni yakho , kwesinye isikhathi ngokulingwa ukwenza into eliphutha  – ngesinyathelo sonke osithathayo ,cabanga ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo . yikuphi uJesu azofuna ngikwenze ngesikhathi ngisathatha igxathi khona kanye kulelibala engikulo 

Futhi masisha ,uzoba nentokozo yokubuka emumva qede ubone ukuthi wakusiza kahle  kanjani ukukwazi ukuthatha igxathi eliya endaweni efanele .

Mazise yena ezindleleni zakho zonke .Yiyona ndlela ke leyo okwenza ngayo. 

Futhi  Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..