... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

NguNkulunkulu Yedwa Owaziyo Ngeqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 139:23,24 Ngihole Nkulunkulu ,wazi inhliziyo yami ;ngilinge ,wazi imicabango yami. Ubone uma kukhona indlela yosizi kimi,ungiholele endleleni yaphakade .

Listen to the radio broadcast of

NguNkulunkulu Yedwa Owaziyo Ngeqiniso


Download audio file

Mina nawe singathanda ukucabanga ukuthi siyazazi kangcono . Sizitshele ukuthi kulempilo esikuyo sizazi kangcono ,esikwazi ukukwenza ,esibahle kukho nokusehlulayo. 

Kodwa nakuba singathanda ukucabanga lokho,kodwa ngokwethembeka simelwe ukuba sesikhathini lasivuma khona ukuthi asizazi ngokweqiniso . Uzitshele ukuthi yonke into ihamba kahle futhi konke ukubambe ngamatomu empilweni yakho . 

Kuthi kungazelele muntu bhum! Kuqhume ibhomu nguwe lowaya usutatazela ugxobe ulimaze abantu izinyawo ,ulimaze ubudlelwane ,wone izinto eziningi ngenxa yalokhu obungakwazi okuqhumbuke ungazi  kuwe . Ebese konke lokhu okuhle ngawe kuvese kube luvucu lwamabibi phambi kwakho . 

Kungani ngingazange ngiyibone lento iseza ? Ngikwenzeleni lokho ? Bengicabangani ngempela?

Kwenzeka naseNkosini uDavide .Ngasekugcineni kwempilo yakhe wakhuleka kanje :

Ihubo  139:23,24  Ngihole Nkulunkulu ,wazi inhliziyo yami ;ngilinge ,wazi imicabango yami.

Ubone uma kukhona indlela yosizi kimi,ungiholele endleleni yaphakade .

Singabantu  ababuthaka futhi ongeke wabaqonda abayikhona ngqo ngqo ngenxa yemihuzuko esinayo ,yizinhlungu ezisihlaselayo ,zintokozo eziqhamukelayo namathemba avukayo kithi konke kunqwabelene kulesisdalwa esingumuntu ndawonye okuthi sikhathi thizeni kusehlela singakulindele kusidabula umuntu oyithi wokomoya .

Uqobo lweqiniso ngukuthi asizazi ,nguNkulunkulu yedwa osiqonda kangcono ngokuphelele. Yingakho kusemqoka ukuba sibuze uNkulunkulu ukuthi asihlole ,avivinye imiqondo yethu , asihlole ukuze siqinisekise sisahamba ngokuyikho yini na . Ngoba nguYe yedwa osaziyo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.