... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okubukeka Kuyikho Akukhona Okungayikho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:10,11 UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Listen to the radio broadcast of

Okubukeka Kuyikho Akukhona Okungayikho


Download audio file

Isono ,ukuziba uJesu ,akuyona indlela emiyo yokuphila leyo .Kumosha impilo yethu namhlanje ,ekugcineni kulimaze ingunaphakade lethu noNkulunkulu. Umbuzo ngukuthi senzani ngalokho ?

Futhi  ngumbuzo omuhle kakhulu lowo .Abantu abahlukehlukene ,namasonto ahlukahlukene aqhamuka nezisombulula ezihlukene,akuzona zonke ezisebenzayo . Ngike ngafunda into enamandla ku-Facebook ebizwa ngokuthi “Yima Ukudlala Umdlalo Wesonto ” – yigama elihle leli . Nakhu eyakusho .

Isonto elikhululekile  elixegisayo livese lithi wemukelekile ukuza kithina futhi akudingekile uze uhlanze impilo yakho. Ebese isonto eliqinisa amabhawoti elinomthetho lithi awemukelekile ukuza kithina kuze kube ngukuthi usuhlanze impilo yakho . Kodwa uJesu uthi Yena wemukelekile ukuza lapha ,ngizoguqula impilo yakho ngapahakathi qede kubonakale ngaphandle . 

Wow, yeka ubuqiniso baleyonkulumo .UJesu nguye yedwa ,nguYe yedwa ongahlanza ingaphakathi lakho . Ayikho indaba ongalibona kuyo leliphuzu ngaphezu kweyowesifazane owayebanjwe ephinga . Abaholi bezenkolo babefuna ukumncangcatha ngamatshe aze afe ,kodwa uJesu wavese wambamba wazomuthi dlu impela phakathi naso isixuku esasithukuthele sigane unwabu ,kodwa ngiyakutshela  kwaphela ukuzazi nakuso ,sabonakala sihosheka  umuntu ngamunye kwagcina kusele owesifazane noJesu yedwa .Sebehambile  …

NgokukaJohane  8:10,11 UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” 

Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Ngamazwi onke ,kucace bha ukuthi uJesu waba nguMsindisi walo wesifazane ngalolusuku. Wayenze iphutha impela kodwa uJesu akalokothanda wamahlulela . Kodwa akamdedelanga aphunduleke enze akuthandayo futhi . 

“Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Vumela uJesu kube nguYe oguqula impilo yakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..