... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Okwamanje…

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 3:14 Ngakho bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye

Listen to the radio broadcast of

Okwamanje…


Download audio file

Mina nawe siyazi ngokungangabazi ukuthi luyofika usuku lokuba  ukuphila kwethu kufike ekugcineni kulomhlaba .Nakuba kwesinye isikhathi izolo lethu lihlala ligcwalisa imicabango yethu ,umbuzo omkhulu ngukuthi ngiphile kanjani ukusuka manje ngiya phambili ?

Kulezinsuku ezimbalwa ezedlule besixoxa ngokuphela komhlaba nokuthi yini elandelayo . 

2 EkaPhethru  3:10,11Kepha usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke, kubhidlike; 

Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nase kumesabeni uNkulunkulu

Ungakhetha ukukukholwa lokho noma qha ,kodwa ukukhetha ukukukholwa nokungakukholwa akuguquli luthi ngakho . Ukuphela kuyeza .Njengokuba bengishilo phambilini ,umbuzo osemqoka ngukuthi ngiphila kanjani ukusuka manje kuya kukho.

Impendulo iqhamuka emva kwamavesi ambalwa alandelayo :

Phethru 3:14 Ngakho bathandekayo, lokhu nibheka lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye

Khumbula umphostoli uPhethru ubhala lamagama kwabahlakazekile ,kwabahlakazeke ngenxa yokuzingelwa . Futhi ubatshela ukuzama ngayo yonke indlela . Inkulumo la igcizelela ukukhuthalela ukuba sitholwe nguNkulunkulu singenachashaza nacala . 

Futhi lesosimemezelo phezu kwempilo yami neyakho asimiswa yizikhathi ezinzima nakhona simile nje . Futhi akukho ukujikela emvakwendlu  la .Yebo sisindisiwe ngomusa ,sinezenzo  emva kokuba nokholo . Kodwa ukuphendula kwethu kulomusa ukuzama ukwenza okuhle ndlela zonke ngisho kungathiwa izimo zinzima kangakanani . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..