... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubuciko Bokulalela

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 18:13 Obuyisa izwi engakwezwa ,kungubuwula nehlazo kuye.

Listen to the radio broadcast of

Ubuciko Bokulalela


Download audio file

Enye yezinto embi esingayenza ngukukhuluma phezu kwabantu. Kumbe ukuvese sibambe ulimi lwethu ,yithi laba sesiphawula singahlaziyanga nobekushiwo futhi singenanhloso yokusho okunomqondo kodwa ngoba siqhutshwa ngukufuna ukukhuluma .

Angazi kuwe kunjani kodwa mina imvamisa ngiyakhuluma ngaphezu kokulalela. Ngicabanga yilokho engikwenzayo mangizihlawumbisela -kuzihlaziya mina . Ngikuthola kulula ukuhlanganisa umqondo ube ngamagama, lokho akungisindi ukukwenza . 

Kodwa ububi balesisipho sesitho esiwulimi ,ngukushisekela ukukhuluma phezu kokulalela . Bekungibiza ukufunda futhi ngiyaqhubeka ukufunda , ukukwazi ukuvala umlomo qede ngikwazi ukulalela ngenhloso yokuqonda – umsuka wokucabanga kwakhe , lokhu akushoyo empeleni . UNkulunkulu ukubeka kanje :

Izaga 18:13Obuyisa izwi engakwezwa ,kungubuwula nehlazo kuye.

Yeka umucu wenhlakanipho enothile kaNkulunkuylu ! Sizenze iziwula thina luqobo ngokuhlulela lokho okushiwo ngabantu singalalelisisi abakushoyo . Kuye kushiwo ukuthi ukulalela kungubuciko bokuguqula ukuhlulela kube ngukulangazelela . Kuliqiniso impela lokho .Inkinga yethu enkulu ngukuthi asinakho ukuhlabeka umxhwele ngalomuntu okhulumayo kumbe  asinandaba kwakuba nandaba nangakushoyo.

Kodwa ngesikhathi sesiqala ukuhlabeka umxhwele ngabo ,sesiqala ukulalela inhliziyo yabo , ngiyakutshela lokho kuletha ukukhanya ,kudephisa kunothise ingxoxo yenu .Itulo la ngukukwazi ukuthula isikhathi eside ngesikhathi  bexoxa lokho kudala ukulangazelela ,esikhundleni sokuhlulela .Manje … 

Bavumele abantu baqede ukukhuluma andukuba uzame ukuqala ukubaphendula . Ngokwenze njalo awuyikuzihlaza ubukeke uyisiwula .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..