... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubusisiwe Noma Ngabe Ubani o …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

Listen to the radio broadcast of

Ubusisiwe Noma Ngabe Ubani o …


Download audio file

Nansi indaba ngesilingo . Siyahehana .Siyanxaneleka . Futhi simelwe ukuba  kanjalo ,ngoba uma sesike sangena kuso siyabhubhisa .Futhi sisigubuzela imvamisa la khona singasilindele sanhlobo .

Sonke sesike saba kulesosimo .Yonke into ihambe kahle …kuthi kungazelele nasi isono sesithi gubhugubhu  … sisho ukumuka nawe impela okuthi uma uke wasivumela sikushaya ingozi engeqiwa ntwala ,wena ongafunga ukuthi ugqenywe ngesando esikhulu . U-John Wesley ukubeka kanje lokhu : 

“Njengokuba umoya omuningi oyingozi ukwazi ukungena ngemifantu emincane kakhulu ,kanjalo nosathane akalokothi angene ngezinto ezinkulu ,ungena ngezinto ezincane ezinganekekile qede athi shi ngaphakathi , izinto ezibukeka zingelutho nje , kodwa ezinamandla okuvulela inhliziyo izilingo ezinkulu kakhulu .”

Akulona iqiniso lelo ! Yingakho ukuzenzisa okuncane okunganakekile kungasigqema ingozi engeqiwa ntwala ekuhambeni kwesikhathi . 

Kodwa isilingo sibukeka siza qede sibaleke masishane . Umzuzwana asisekho .Dukuduku nasi futhi sesibuya sikugubuzele unganakile –uthi usathi usasicinga sesicashile futhi . Ubucayi balendaba ngukukwazi ukwenza isinqumo  masisha ngesikhathi sihlasela .

EkaJakobe  1:12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile  uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

Ngesikhathi sokuhlaselwa singakhetha ukuthobela sona kumbe sime sikhuthazele sibheke phambili. Isilingo sivivinya ubuqiniso boqobo lokholo lwakho .Zivivinya ukuma kwethu siqinile kuKhrestu . Futhi zikhathi zonke ukhuthazele ,zikhathi zonke uphasa ukuvivinywa ,uyaguqulwa izikhathi nezikhathi ufaniswe naye uJesu .

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile  uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy