... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubuwula Bokungalaleli

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Dutheronomi 1:43-46 Ngakhuluma-ke kanjalo kini analalela,kepha nahlubuka ezwini likaJehova ,naziqhenya nakhuphukela entabeni .Ama-Amori ayehlala kuleyontaba ,aphuma anihlasela ,anixosha njengokwenza kwezinyosi ,aninqoba eSeyiri kwaze kwaba seHorma .Nabuya nakhala phambi kukaJehova ,kepha uJehova akalalelanga izwi lenu kanizwanga .Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona .

Listen to the radio broadcast of

Ubuwula Bokungalaleli


Download audio file

Kunini wagcina ukuzithela kumuntu ovese avale izindlebe ngabomu engafune kuzwa acabange ngokushoyo , owayengukhanda-qina ngisho nala okwakucacile kumele akulalele , ngisho nala okwakumcacele bha ukuthi  uyophonseka eweni ? Futhi ungasho ukuthi lobobunzima bokuzama ukumnqanda wabuthokozela ? 

Okhandaqina akubona abantu okumnandi ukuba seduze nabo – nakuba nathi simelwe ukwethembeka ukuthi nathi siyaba ngokhandaqina kwesinye isikhathi . Kube nento esifuthelayo qede sithule siqinise amakhanda sivale izindlebe ,ngisho nakuNkulunkulu imbala.

Manje umangase kesime sicabange ngakho ,sizobona ukuthi kungubuwula obunjani lokho . Kodwa uma sigcwele ukuthukuthela ngento ,siqhubeka sihlakulela ulaka .Akungixoxele ,wena lokho kukusebenzele kanjani phambilini?

Nangu uMose ekhuluma no-Israel esikhathini lakhona amakhanda ayeqine okwetshe  :

Dutheronomi  1:43-46 Ngakhuluma-ke kanjalo kini analalela,kepha nahlubuka ezwini likaJehova ,naziqhenya nakhuphukela entabeni .Ama-Amori ayehlala kuleyontaba ,aphuma anihlasela ,anixosha njengokwenza kwezinyosi ,aninqoba eSeyiri kwaze kwaba seHorma .Nabuya nakhala phambi kukaJehova ,kepha uJehova  akalalelanga  izwi lenu kanizwanga .Nase nihlala eKadeshi izinsuku eziningi njengezinsuku enazihlala khona .

Ngokukhulu ukuqinisa  amakhanda lokhu kabazange balalele imiyalela kaJehova. Kunalokho basuka baqonda ngqo bayohlasela ama-Amori – yibo labaya sebehlulwe  kwaphela ubuqhwagwa , babhubha .Yini le engakwenze wenze lokho ? Kungani ingempela ?! 

#Bamba lokhu : Uma sidlubulundela kuNkulunkulu, asimelwe ukumlindela asincede uma izikhuni sezibuya ngomkhwezeli .Uzenzile asimkhaleli ,sikhalela uzumekile .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.