... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubona Ngokucacile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 19:11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe ‘kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni .

Listen to the radio broadcast of

Ukubona Ngokucacile


Download audio file

Ukwethukwa kuyizinto eziphathekayo ezenzekayo empilweni .Futhi uma kuyithi esingcofwayo sithukwa ,kumnandi ,mhh ,kuyazwela angithi ? Futhi kuba nento ngaphakathi kithi esenza sifune ukubuyisela amagabadi .Kodwa lapho kanye kuyindawo eyingozi. 

Kungancika ekutheni uluhloboluni lomuntu ,enye yezindlela komunye ukuthi afune ukubuyisela ngembabazane yempama. Mhlampe ukwenza khona lapho kusashisa ,kumbe ufane nosomaqhinga usathane ,ucinge ithuba elihle lokuziphindeselela esekhohliwe lomuntu wena owabona inja evese ikhethe umuntu oyedwa behlezi bebaningi abantu beqhethile emseleni endlini .

Abanye bavese bona bazimboze  wena owabona ufudu lungena  egobolondweni lwalo ngenxa yovalo ,qede bananele iminjunju yokulimala abakutholile .

Noma kungaba yikuphi ,kodwa uma ugcina uhlobo lokudinwa okunjalo enhliziyweni yakho usengozini , ngoba awuziboni izinto ngokucacile . Sewake waqaphela ukuthi awukwazi ukubona isithunzi sakho emanzini abilayo ? Ngokundlelanye ncimishi awukwazi ukubona iqiniso kubila ukudinwa enhliziyweni yakho . Kusesikhathini kuphela lakhona amanzi ezolile okukwazi ukuthi kukhanye kucace bha . Yingakho ukwenza izinto ngentukuthelo kuyingozi embi .

Izaga  19:11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe ‘kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni .

UNkulunkulu akushoyo la ngukuthi ngokojiya ekuhlelweni yizehlo sikwazi  ukukhula ekukwazini ukubekezelela ukuthukwa . Manje la akakhulumi ngohlobo lokubekezela lokhu okwenzeka ngesikhathi usalula isikhathi uhlela ukuziphindiselela .Futhi hhayi lokhu kokuba ngumata wokuba yisisulu.

Qha .Ukhuluma ngokubekezela kobuNkulunkulu . Futhi ekuqhubekeni sihamba ngenhlakanipho kaNkulunkulu ,ngisho nasebunzimeni kodwa kusikhathi sinye sikwazi ukuqina kakhulu kunakuqala .Futhi ngesikhathi sikhula ekuqineni ,kusikhathisinye sikhula ekukwazini ukuziba ukuthukwa  singakunaki . Nansi futhi njengokuba ibekiwe ,vumela uMoya oNgcwele lenkulumo ayibhale enhliziyweni yakho . 

Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe ‘kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..