... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukucabanga Ngomusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:17-19 Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ukucabanga Ngomusa


Download audio file

Kungokunye ukuba nomzuzu wokuza kuJesu ohlabahlosi. Futhi uma kungukuthi kwenzeka kuwe ,kimi kwenzeka eminyakeni eminingi edlule ,uma kunjalo kuhle impela .Kodwa kungokunye ngokwehlukile ukukucabanga ukuthi ekaze ingempela sekukonke kuchazani.

Kulezinsuku besikade simatasa sihlaziya isibonakaliso esenzeka kubelusi emva kosuku obelunzima ngokomsebenzi wabo ,nakhu bengazelele kwakhanya bha esibhakabhakeni babona ukukhanya okumangalisayo nazi izingelosi sezihuba zithi udumo kweliphezulu …ungayicabanga into enjalo ngamehlo engqondo uyibone ? Futhi sabona baphendula ndlelani kulesisenzo.

Bagijima …bakhipha lonke ijubane ..beqonde ngqo ukuyobona umusa osemavundululwini efolishi estebeleni sezinkomo ,bezobona lengane elele emkhombeni . Mhlawumpe ngesikhathi beqhuma ezinhliziyweni begcwele nentokozo ngabakubonayo …hleze uJosefa noMariya babezibuza ukuthi ekaze ingani ingempela lendaba ? Benzani ingempela lababantu la beze ngani ? Yini bejabule kangaka .Yisikhathi sokukuchaza lokho .

NgokukaLukha  2:17-19Sebebonile

balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi.  Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo  enhliziyweni yakhe.

Ungazicabangela .UMariya wayeqeda ukuteta .Ugcwele izinhlungu .Kusemacakacaka nalapha .Usazama ukuthola amandla  akwazi ukugaqa abuyele ekubeni strong .UJosefa usabheke lomndeni wakhe okhandeka esibayeni ezama ukuwutotobisa awuhlengahlenge ,masinya nakhu sekunabelusi abeze ngentokozo la kuqedwa kubelethwa. Manje uMariya wayevele esazi ukuthi lengane ingekhethekile .Kodwa manje lesisambulo esalandela samenza abe nento  ezomcabangisa .Ngakho…

Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo  enhliziyweni yakhe.

Ukuthatha inhliziyo yange umusa kaNkulunkulu  ngokwenzele  impilo yakho ,akuyona into ongayicabanga uyizindle nje  imizuzu eyisihlanu. Kuyothatha isikhathi eside ulokhu wetshisa ucabanga uzindla ngesimanga somusa kaNkulunkulu ongachazekiyo empilweni yakho. Ungami ungakhawuli ukucabanga ngalezizinto . Ungami ukuzama ukuziqonda lezizinto . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.