... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufuna Umusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:16 Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni.

Listen to the radio broadcast of

Ukufuna Umusa


Download audio file

UKhisimusi yisikhathi sekhethelo .Sekhethelo kakhulu.Kodwa asikwemukele futhi yisikhathi sokufikelwa  wubujaka ngenxa yokuthi yinto osuyijwayele obhekana nayo njalo  ekupheleni konyaka . 

Kuliqiniso .Kwabaningi ngisho nakuMaKhrestu uKhisimusi yisikhathi ozizwa ukhathele nje ukujahana notalagu .Bheka ,phela siyazi indaba ithini .UJesu wazalelwa esitebeleni eBhethlehema  ngoba kwakungasekho ndawo endlini yezivakashi.UnguMsindisi wethu ,kuqhubeke njalonjalo.Konke lokho siyakwazi . Ngakho ake singakuthakaseli lokhu .Ake umuntu athi ukuphumulela kube yisikhathi sekhefu lesi ,umuntu akazidlele izibiliboco zikaKhisimusi . 

Ngicela ukukubuza ngesizotha kodwa ngokuqonda ngqo ,ngakube yilokho uKhisimusi osuyikho kuwena ?

Kulezinsuku besilokhu sikhuluma ngomusa kaNkulunkulu ,ethumela uJesu ukuzosisindisa kulomhlaba. Labo balusi ehlathini ababusiseka ngoquqaba lwezingelosi zihlabelela zithi  Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu. 

Kwaba zindaba ezithokozisayo lezi ,esigabeni sempilo yabo eyayilokhu ijikeleza ndawonye usuku nosuku.  Emva kokudlula ekumangaleni baphendula kanjani  kulesimanga? Benzani ngalezindaba ezinhle ?

NgokukaLukha  2:16 Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni.

Labobelusi bagijima beqonde emseni kaNkulunkulu. UMesiya wabo wayesezelwe .Ngakho bagijima beqonde kuYe ! Yilelozinga lamandla okuzwa izindaba ezinhle ezinhliziyweni zabo. Futhi bamthola uMsindisi wabo elele  ebhokisini lokudla kwezilwane ,emboziwe ngengubo.Ukufika kukaNkulunkulu oluntwini eze ngomusa wakhe .UJesu esitsheni sokudlela izinkomo ifolishi .

Ngakho ungahlali nje uzizwe sengathi uhubha utalagu ,wenza into ejwaeyelekile futhi esikucika ukuyenza kodwa gijima ,gijima ngazo zobili ubheke ngqo kuJesu emseni .UJesu lo shlobo sami .

Futhi ngumusa lo ongamandla okuguqula impilo yami neyakho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.