... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufunda Inhlonipho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:9-11 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile ,kumi kuze kube phakade ,imithetho kaJehova iyiqiniso ilungile yonke .inxanelekile kunegolide ,kunegolide elihlanzekileyo eliningi ;imnandi kunezinyosi ,kunoju lwamakhekheba . Nenceku yakho iyayalwa ngayo ,oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu .

Listen to the radio broadcast of

Ukufunda Inhlonipho


Download audio file

Izolo sikhulume ngenhliziyo efundisekayo ; ngamandla amakhulu amahle ezimpilweni zethu ,ukuvumela uNkulunkulu asilungise asiqondise . Kodwa asethembeke kuloludaba .Kwezinye izinsuku akubi lula . 

Umelwe ukuzibuza ukuthi kungani kube nzima ngelinye ilanga ? Awusho ngempela . Inhlakanipho kaNkulunkulu imsulwa iphelele . Ekwehleni nasekwenyukeni kwempilo ,siyazi ukuthi uma siphila inhlakanipho yaKhe , akusikho kuphela ukuthi yenza okuhle kithi kodwa isiholela empilweni egcwele inkazimulo . Konke okuhle .Pho kungani sithwale kanzima ?

Yingoba kukhona lento ekhona ngokunikeza ulawulo komunye , ekubekeni  phansi ilungelo esizitshela lingelethu ukukhetha esikuthandayo ,silinike omunye , ngisho kungathiwa lo Omunye nguNkulunkulu .Manje pho ithini impendulo ,singama kanjani ukuthwala kanzima ukungqubuzana nolawulo lukaNkulunkulu ?   Singayibamba siyifumbathe kanjani lempilo egcwele okuhle esiyinikwa nguNkulunkulu ,siyibambe singajeqezi ukulokhu sifisa sengathi ngabe sizikhethele eyethu ?

Amahubo 19:9-11 Ukumesaba uJehova kuhlanzekile ,kumi kuze kube phakade ,imithetho kaJehova iyiqiniso ilungile yonke .inxanelekile kunegolide ,kunegolide elihlanzekileyo eliningi ;imnandi kunezinyosi ,kunoju lwamakhekheba .

Nenceku yakho iyayalwa ngayo ,oyigcinayo uyakuba nomvuzo omkhulu .

Kanjani ? Ngokufunda ukumhlonipha uNkulunkulu. Ake ucabange abantu obahloniphayo empilweni yakho . Ukuthobela inhlakanipho empilweni yakho ngabo  ,akubi nzima .Ngani ? Ngoba uyabahlonipha .Uyabathemba . Uyazi ukuthi indlela yabo izogcina iyindlela enhle kunazo zonke . 

Mhloniphe uNkulunkulu .Izinto ezinhle ziyabafica labo abamhloniphayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..