... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugwema Ukungena Emaphutheni Akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 19:7,8 Umthetho kaJehova uphelele uvusa umphefumulo ;ukufakaza kukaJehova kuqinisile ,kuhlakaniphisa oyisiwula .Imiyalo kaJehova ilungile,ijabulisa inhliziyo,umyalezo kaJehova uhlanzekile ,ukhanyisa amehlo .

Listen to the radio broadcast of

Ukugwema Ukungena Emaphutheni Akho


Download audio file

Ukumukela ukuqondiswa nokulungiswa akuyona into imvamisa sonke esilula ukuyijabulela . Nokho othola ukuthi yikho lokhu kuqondiswa nokulungiswa okuholela ekuphileni impilo ekugcwaleni kwayo . 

Ake ucabange wonke amaphutha owenzile empilweni yakho .Maningi impela angithi ? Futhi imiphumela yawo igcina izwakala ekuhambeni kweminyaka ,hleze nanamhlanje .Nami ngiyakwazi lokho . 

Kodwa bekungathiwani uma singazange sawenza lawomphutha kwakhona ekuqaleni ? Bekuzoba njani uma kungukuthi besibalalele abazali bethu ,abaholi bethu ,abasibumbayo ngekusasa  … uNkulunkulu uqobo qede sisizakale ukujomba izinto ebezingenza singene emaphutheni alimaze impilo yethu ?

Nebala ngeke sikwazi ukuguqula izolo .Okwenzekile sekwenzekile. Kodwa singakuguqula ukuziphatha kwethu  mayelana nokuqondiswa nokulungiswa kusuka manje kuya phambili.

Amahubo  19:7,8 Umthetho kaJehova uphelele uvusa umphefumulo ;ukufakaza kukaJehova kuqinisile ,kuhlakaniphisa oyisiwula .Imiyalo kaJehova ilungile,ijabulisa inhliziyo,umyalezo kaJehova uhlanzekile ,ukhanyisa amehlo .

Imibuzo engiqhubeka ngizibuza yona ngibuza uNkulunkulu usuku nosuku uma  ngifunda iBhayibheli yilena : Nkosi kukuphi la ngiphazama khona ? Yimaphi amathunzi asitha impilo yami ?Ngingenza kanjani kangcono ukuba ngibe yilowo ongidalele ukuba nguyena ?

Angikaze ngibe nenhliziyo efundisekayo , okungakho kwezinye izinsuku ngithwala kanzima . Nokho nakhu engikutholile endleleni ;engathenjwa Yena . Wenza iziwula zihlakaniphe . Imiyalo yakhe mihle futhi konke lokho kuholela empilweni engcono .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..