... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukujikela Amatshe ,Ukugeza Izinyawo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 13:1-5 Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

Ukuthanda abantu abangasithandi bona ,yaah  akukho lula angithi ?Kahle hle umuzwa wethu wemvelo ngukubabuyisela ngezikhuni ezivuthayo njengokuba nabo besenzile . Futhi kulapho kanye kunodweshu olukhulu olungaka emhlabeni .

Ngesikhathi ngisengumfana,ngiyakhumbula mangilwa nabanye abafana esikoleni sasilwa  size sijikijelane nagamatshe . Akukhona ukuziphatha okuhle  lokho .Kodwa abanye bahamba nalowomoya baze bayofika nawo  ebudaleni ,bajikejelane ngamatshe ngokwenhliziyo ezintweni abangavumelani ngazo .Ngena Jesu :

NgokukaJohane  13:1-5Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukut, uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

Into engihlaba umxhwele kulendaba kunakho konke okunye ngukuthi uJesu wageza ngisho izinyawo zika-Judas Iskariyothi ebe  azi kahle uzomkhaphela .

#Bamba la : Kunzima ukujikijela umuntu ngamatshe uma ugobile umatasa ugeza umuntu izinyawo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.