... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulunga Nothando

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 21:21 Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukulunga ,nokulunga nodumo.

Listen to the radio broadcast of

Ukulunga Nothando


Download audio file

Uhambo lokukhula kumuntu ngamunye  kunomsebenzi omningi wokukwazi ukubhalansisa mayelana ngezinto ezingumfutho omelene nathi , ngamanye amazwi sikwazi ukuthi kithina luqobo ‘ayihlale phansi ibambe umthetho’ kuze kube yisikhathi esifanele .. 

Kunesikhathi sokwakha izinto ,kunesikhathi futhi sokuzidiliza . Isikhathi sokufudumalisa umuntu ngothando nge-hug ,kukhona futhi isikhathi sokuvuma umdedele ahambe .Isikhathi sokuhleka nesikhathi sokukhala . 

Futhi kukhona isikhathi sokuza ugcwele ubuqotho bobulungiswa ebese kuba khona isikhathi sokuza ngobumnene uzoveza uthando ,ngisho nasesgabeni lakhona izinto zingaqondile , ngisho nalakhona lomuntu omunye esephutheni impela .

Kungani sikhuluma ngalokhu? Ngoba kulesikhathi ,lakhona iqiniso lingumbatshazwa ,wonke umuntu umemeza ngokuqhakambisa elakhe iqiniso , ephoqa ukuba bonke abantu abahambisane naye  akwenze lokhu engakhombise luthando .

Manje ,yebo nebala iqiniso lisemqoka ,lisemqoka kithi ukuba silifune ,sikulwele ukuba kulo ,sibufune ubuqotho bokulunga . Kodwa njalo ekuseni uma ngingena kwi app yami engiphakela izindaba ekwazi ukuhlunga izindaba eziliqiniso nezingelona emhlabeni wonke jikelele, ngiyamangala ukuthi abantu bamemeza kangakanani ,bese kuxaka ukuthi abekho abavule izindlebe ukuzwa laba abamemezayo , ngimangazwe nawukuthi akekho kubo okhombisa uthando nenhlonipho . 

Izaga  21:21 Olandela ukulunga nomusa uyafumana ukulunga ,nokulunga nodumo.

Kunokulunga kokuzazi wena okuningi okusemhlabeni kulezinsuku ,nokuba nothando oluncu . Lezizinto zombili zibukeka zisenjikeleni yokushintshana empilweni yabantu .

Kodwa uNkulunkulu akafuni sibe nokukodwa ufuna sibe nakho kokubili ukulunga nothando kumbe nomusa  . Futhi uma  sikwaze ukuthola ibhalansi kulemifutho yezinto zombili evamisa ukuphikisana , UNkulunkulu usethembise inzuzo ngalokho ;impilo ,impumelelo neqholo lokuhlonishwa .

Ukulunga nomusa .Yilona cebo likaNkulunkulu lelo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..