... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukumemezela Umusa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:10-12 Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe,elele emkhombeni.”

Listen to the radio broadcast of

Ukumemezela Umusa


Download audio file

Uma umuntu ekwenzela into ongayifanelwe ,ngiqonde into osuke  ungayifanelwe ngempela ,kuba nzima ukukuqonda lokhu. Kukuthatha isikhathi ukukuqonda ukwemukele lokhu ,akunjalo? Yebo ,kwaba njalo kulowo Khisimusi wokuqala . 

Ake uzicabange uphila kwa-Israel kusaqala ikhulunyaka lokuqala . Esikhathini la wawuphila khona ngokusetafuleni kuphela ,kungekho okusenqolobaneni okuthukuselwe usuku lwendlala   kwikusasa.Ukwenza izinto zedlulele ,amaRoma akwephucwe izwe lakho awunahlabathi lakini ,nabaholi bezenkolo obekumele bakunakekele kunalokho bazakhela izidleke zabo baficela kweyabo imikhaba –bakwenze lokho ngezindlela eziningi ,bashaye isishalambombo sobumbuka bahlangane nezikhulu zombuso wamaRoma ukuze babacoshise amaqathana ogqokweni lwabo. 

Wena ngalowomzuzu unguMJuda ,uphila ngaphansi komthetho kaNkulunkulu ,iTorah njengokuba  wawubizwa kanjalo ngalesosikhathi,nakuba okuningi kwakungasasekho ezingeni eliphelele. UNkulunkulu kwabe kusikhathisinye ezochamisela icebo lakhe elisha kulomhlaba ,icebo lomusa .Icebo lensindiso ngami nawe .Kade lalimumise ngezinyawo kusuka emaphakadeni elijahile lenzeke . 

Pho manje ubhodloza angene kanjani kulomhlaba ? Ulumemezela kanjani icebo laKhe . Uliveza ngokukhanya okumangalisayo ebusuku esibhakabhakeni ,kubelusi abangabantu abaphansi ,bezilusela izimvu zabo.

NgokukaLukha 2:10-12 Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. 

Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe,elele emkhombeni.”

UNkulunkulu ulethula kanjani icebo laKhe kuleyondawo? Ngokutshela wena ungumelusi ,ukuthi uzothola uMsindisi wakho ekuphi ? Uzomthola esitsheni sokufunza izilwane uzobe esongwe elele khona .Yiyona ndlela le uNkulunkulu icebo lomusa alembula ngayo kulowoKhisimusi wokuqala kanye . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.