... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukungaboni Eqinisweni

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:31-32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Listen to the radio broadcast of

Ukungaboni Eqinisweni


Download audio file

Ngakube sewake washisekela ukuba into ethile ibe liqiniso ngalendlela elangazelelayo, ngangokuthi ungenza noma yini ukuze kwenzeke lokho ? Kuyenzeka zikhathi zonke futhi sigcina singenile kuleyondlela ngokwenani elibiza thina .

U-Dr William McBride owabe engudokotela ovelele e –Australia kwezokudokotelwa kwabesifazane  abakhulelwe nokubelethiseka , mumva le eminyakeni yo 1961, waba neqhaza eliqavile ekutholeni ikhambi elibizwa nge – thalidomide, elalinikwa abesifazane abazithwele , elalenza kube nezincaphephe ezimbi ekubeletheni kwabo . Wabe eliqhawe . Kodwa ngo  1989 watholakala enecala  lokuqamba amanga ngezifundo zakhe zesayensi  ngokukhohlisa ngemiphumela yocwaningo lwakhe yezobudokotela .

Isigungu sezobudokotela  sathola ukuthi ,ake sicaphune ngokusho  kwaso  “U-Dr McBride uzama ukufihla inkohliso yakhe … kuyisimo esibi nesihlazisayo leso”  Lokho kwabe kungukuqathaka okukhulu kuye . Into enjalo yenzeka kanjani ? Kuyenzeka ngoba sishisekela kakhulu ukwenza into ibe liqiniso ibe  ingelona sanhlobo , ngakho siyawabalekela amaphuzu aliqiniso aphathekayo .

Futhi lokho uyakubona kwenzeka izigaba ngezigaba kuphindelela  nakulezinsuku zokuphila kwethu , ikakhulukazi uma ngingathi kuleminyaka emibalwa esisuka kuyo mayelana ngegciwane leCOVID ,sibone amampunge ezinkoleloze eziningi ebeziqhumbuka ,lokho okugcine kwenza abantu abaningi balahlekelwa yizimpilo zabo  ngokungenasidingo.

Inkinga ivela ngesikhathi uma abantu abahlakaniphile kakhulu befuna uku-prover  into engumuzwa abasuke befuna ukuyikholwa , kungakhathalekile okuhluzekayo ngokuphathekayo kuthini khona

UJesu nokho ,kwesinye isimo wabeka nasi isimiso :

NgokukaJohane  8:31,32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;  niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Sithini lesisimiso ? Umelwe ukuqala ulazi iqiniso andukuba likukhulule .Ungawazibi amaphuzu aphathekayo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..