... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukupha Ungagodli

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 21:26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke ,kepha olungileyo uyaphana engancishi.

Listen to the radio broadcast of

Ukupha Ungagodli


Download audio file

Sewuke uzibuze ukuthi “ngiphe kangakanani ”? Mhlampe mayelana nesidingo emndenini wakho ,emsebenzini weNkosi kumbe kwabampofu  noma abaswele . “Nginikele kangakanani ” ngumbuzo esimelwe ngukuzibuza wona  kaninginingi .

Futhi asikhulumi la  ngemali kuphela . Kwesinye isikhathi izipho ezinkulu ,yisikhathi sakho ,ukuletha inkuthazo ,usizo lwemizwa yenhliziyo .Lezo zinto zibandakanya ukuzinikela kakhulu kwesinye isikhathi ngisho ngaphezu kwemali . U-C.S. Lewis  wake wathi : 

Angikholwa ngukuthi kukhona ongafika ekutheni kungakanani esingakunikela . Nginovala ngoba inqubo emile ngukunikela ngaphezu kongakugodla . 

Yilokho esikubiza ngokupha ngenhliziyo evumayo .Manje umbuzo uthi : Uma sekuziwa ekunikeleni ngesikhathi sakho ,energy yakho , nokuningi  … ngakube labo abaseduze nawe bazokukala  nagalesikali qede bakwazi ukusho ukuthi upha ngesihle nawe ?

Umqondo ka -C.S. Lewis ekugcineni uyagqama ukuthi ugxile kakhulu eziBhalweni :

Izaga  21:26 Kuyafiswa nokufiswa usuku lonke ,kepha olungileyo uyaphana engancishi.

Kulomhlaba esiphila kuwona ogcwele ukuqhakambisa izinto eziphathekayo ,kulula ukuzitshela ukuthi asithi mfi esinakho singakudedeli ukuze sikwandise . Inkinga ngalokho ngukuthi  kuzala umqondo wokungabi nokwanele . Asilokothi sinele .Ngakolunye uhlangothi ukholo lwethu kuJesu lusifundisa ukukhipha sithokozile ,uNkulunkulu uyakuhlonipha lokho .Akakaze asenze sishode . 

Yebo ngiyazi singashoda okwesikhashana ,kodwa ngithanda ukukuqinisa ukuthi mina nginobufakazi kuleministry esesiyiqhube iminyaka engaphezu kwengu  20 ukuthi asikaze sishode njalonjalo ,esikhathini la impela sibona isikhala uvese anganelele oMdala wezinsuku .

kepha olungileyo uyaphana engancishi.. Abaphanayo baba nakho kuchichime .Nikela ngaphezu kongakugodla .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..