... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphikelela Ukugcizelela Amalungelo Akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 15:13 Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphikelela Ukugcizelela Amalungelo Akho


Download audio file

Empilweni yakho ,la khona manje,kukho konke lokhu okuqhubekayo kuwe ,yiziphi izinto okholelwa ngukuthi zikufanele kube ngezakho –entittled to? Ilungelo loluntu elingenakuphikiswa muntu lokuthi uphile noma kanjani  ngokungaphazanyiswa .

Kubukeka sengathi uhla  lamalungelo oluntu esikholwa ngukuthi asifanele  luqhubeka lukhula usuku nosuku .Inkululeko yokuzicabangela , Ukukhuluma ngokukhululeka ,inkululeleko yokuzibandakanya ,inkululeko ngenkolo …ubani ongaphikisana nalokho ? Kulula.labo abasho izinto abanye abangavumelani nazo ,labo abahlangana nabanye abantu laba bona abangabanambithisi kahle ,labo abakholwa ngukuthi inkolo yakho iyimfithimfithi yamavundululu angamafuhlufuhlu. 

Yilokho kanye okwenzekayo emhlabeni  wethu namhlanje ;abantu bephoqa ukuthi  ukubona kwabo ,ukukholelwa kwabo ,indlela yabo yokuphila mayimukelwe futhi nebala ishayelwe ihlombe ngabantu bonke egameni lokumukelana nikuphila okuhlukene .

Manje uma mina nawe siphikisana ngokuthile ,futhi ngiphikelele ngithi umelwe ukuvumelana nami ,

nawe uphikelela ukuthi ngimelwe ukuvumelana nawe ….uma ucabanga lokho kuzosebenza ndlelani ngokwegiya lokuphilisana kulomhlaba ? 

Ngafunda utho lusuku lumbe olwathola indawo ekhethekile kimi: Ukuphikelela ukugcizelela amalungelo akho  ngokungabi nandaba ngama responsibility  akho akuyona inkululeko leyo ,kuwukuba yivukana nje lokho .

Ngakho uma kuwukuthi ungumuntu okholwa kuJesu Khrestu ,yimaphi ama-responsibility akho ?

NgokukaJohane  15:13 Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.

Futhi ngqo ngqo ,njengokuba umphostoli uPhawuli akuqaphela wakubeka kamumva  wathi,uJesu wadela ukuphila kwaKhe ngenxa yethu ngisho siseyizoni ,siseyizitha zaKhe .

Kubukeka sengathi ilungelo elibekwe kimi njengomfundi kaJesu  engingephikiswe kulo ngukuthatha isiphambano sami ngimlandele . Futhi lokho kuzobiza .Kuzobiza kakhulu! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.