... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphunyuka Emlonyeni Webhubesi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 4:17,18 Kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Kunezikhathi empilweni lakhona izinto zibukeka zihamba kahle .Ebese kuba nesikhathi lakhona  okuvese kudilike intaba ,kukulesosikhathi kanye esivese siklewule sicele uNkulunkulu azosisindisa .  

Kwagcina nini  ukukwehlela lokho ? Wawusesimweni esinzima .Wawumdinga ngempela uNkulunkulu angenelele ,ngomangaliso lwaKhe ; ukuba ehle akophule mathupha Yena luqobo emlonyeni webhubesi ,kumbe ophule lomuntu omthandayo omkhalelayo. Ngakho uyathandaza uthandaze uthandaze ,qede kwesinye isikhathi uNkulunkulu angenelele. Kwezinye lutho ,dololo  ,engangeneleli. 

Kwesinye isikhathi amsindise othandiweyo wakho  esifweni somdlavuza  … kwezinye izikhathi avume bafe.Kuvese kulethe umuzwa wokugembula ,kube sengathi umaqondana makuqondene makungaqondene akuqondene. Hhayi ke lokho kuvese ,kukuthene amandla . Ngakube yiyona ndlela leyo okumele kube yiyona ? Ubhala umphostoli Phawuli ebhalela insizwa encane u-Thimothewu   ayeyibhamisa emsebenzini weNkosi:

2 KuThimothewu  4:17,18Kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama.  INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini;

makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Manje uthini lapha ? Yebo ,ezikhathini eziningi uNkulunkulu wangenelela kaningi ezosindisa uPhawuli . Ngani ? Ngoba uNkulunkulu wayenenhloso ngaye ukuba ashumayele ivangeli (ngokunamandla !) kwabezizwe . Kodwa kwakungeyukuba njalo isikhathi eside ,uPhawuli wayekwazi lokho kahle kamhlophe . Yingakho wayemethemba uNkulunkulu ukumletha ngokuphepha okukhulu okuhle eMbusweni waKhe waseZulwini. 

Methembe uNkulunkulu .Uyakwazi akwenzayo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy